Wethula I-Heart2Heart Podcast Ezogqugquzela Ulwelapha Kanye Nothando, UNondumiso “Shuduza’’

Date:

KWETHULWE ngokusemthethweni i-podcast yeHeart2Heart, okuwuhlelo oluqalwe intokazi yakwaMashu eThekwini Nondumiso Sihlangu odume ngelika Shuduza oneminyaka engu26 ubudala, ekupheleni kwenyanga kaMfumfu. Loluhlelo luzoqala ukusebenza ngenyanga ezayo okungu- November, lolu uhlelo I-Heart2Heart no-Shuduza ihlose ukuhlinzeka ngendawo ephephile nenika amandla lapho abantu bengakhululeka khona, babelane ngolwazi lwabo, futhi bakhulume ngokukhululeka ngezinkinga ezivame ukungakhulunywa. Ekuqaleni ibibhekwa njengendawo yezintombi, kodwa ngokubheka indlela abantu abakhululeka ngayo ngezinkinga zabo igcine yaba inkundla yawo wonke umuntu yamukela abesilisa nabesifazane ukuthi bahlanganyele ezingxoxweni eziphilisayo nezizobalekelela bathole ukuthula.

Kulomcimbi ubuhanjelwe ngabanye onomehlo bezobungaza kanye nezintombi ezisuka ezindaweni ezahlukene zaseThekwini bezobongela omunye wabo ezintombini ngohambo aluqalile. “Silujabulele kakhulu uhlelo oluqalwe ngomunye wabantwana abakhulele phambi kwethu futhi ongomunye wezintombi ezihlolwayo kwiqembu lethu lakwaMashu, kuhle akwenzile futhi okujabulisa kakhulu ukuthi loluhlelo uluqale yedwa engasizwanga ngamuntu. Ukwenza into ngokwakho ungathembele kumuntu weslisa kuyinto esihlezi siyigqugquzela kwizintombi kanye nemfundo”, kusho uNomehlo MamMncube. Abantu abaningi bakuthola kunzima ukukhuluma ngemizwa yabo ngoba besaba ukuxekwa noma ukungalalelwa. Lokhu kuvame ukuholela ekucindezelekeni kwezinye izimo, ukubanga nemicabango okuzibulala. Nge-podcast yakhe, uShuduza unethemba lokukushintsha lokho ngokuvula umnyango wokuzoxoxa. “Abantu bakuthola kulula ukuthi bekhulume nami, kokunye ngizithola sengixoxa nabantu engingabazi ngoba bezizwa bekhululekile ukuthi bakhulume izinto ezibahlukumezayo kumina, okuyinto engenze ngabona kuncono ukuthi ukuqala lePodcast kuzolekelela abantu abaningi kungezona izintombi zodwa kodwa nezinye izinhlanga”, Kusho uNondumiso.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

CIGFARO Conference Puts Public Finance Leadership Under The Spotlight

Public sector leaders, finance professionals and governance experts have...

Ugcizelele Eyokulungiswa Kwenqalasizinda U Xaba

U Meya womkhandlu we ITheku, uKhansela Cyril Xaba, uthe...

Kucijwe Osomabhizinisi Kumasipala WeTheku

Bahlomule ngohlelo lokuqeqeshwa osomabhizinisi abasemkhakheni wezamaciko namasiko kumasipala ITheku....

ITheku Likulungele ukwamukela izinkumbi zabalandeli bePirates Ne Sundowns

Sekubhekwe ngabomvu umdlalo wamanqamu weMTN8 ka-2026 ozohlanganisa i-Orlando Pirates...