HomeNewsKuqeqeshwe Osomabhizinisi Abakhele Umkhandlu Wetheku

Kuqeqeshwe Osomabhizinisi Abakhele Umkhandlu Wetheku

UMasipala weTheku ubambe umhlangano wokufundisana nosomabhizinisi eDurban Botanic Gardens Hall, ngenhloso yokuhlomisa osomabhizinisi, ikakhulukazi intsha, ngolwazi nangamathuba angabasiza ukukhulisa amabhizinisi abo.

Ashley Ramjoji, omele abakwa-Eskom, uveze ukuthi ukusebenzisana nenkampani yabo akuyona into enzima, kodwa kudinga ukuthi osomabhizinisi balandele imigudu nemithetho ebekiwe. Uthe izinqubo zamathenda kahulumeni zilawulwa yimithetho eqinile ngenhloso yokuqinisekisa ukungafihli lutho.

Uveze ukuthi basebenzisana nezinhlobo ezahlukene zamabhizinisi, okubalwa nawempahla yokubhala, waphinde waveza ukuthi amaphesenti angu-75 abantu abasebenzisana nabo ngabesifazane nentsha.

Uphinde wanxusa osomabhizinisi ukuthi babike abantu abasebenzisa ugesi ngokungemthetho, wathi lesi senzo singagcina silimaze amabhizinisi abo.

UMnu Bonga Makhathini, osebenza emnyangweni wezokuThuthukiswa kweNtsha kuMasipala weTheku, uthe ukuba nebhizinisi kudinga ulwazi nemfundo yokuliphatha ukuze likwazi ukukhula liphumelele.

Ubalule uhlelo olubizwa nge-Mayoral Youth Business Challenge, lapho intsha enamabhizinisi aseneminyaka emibili nangaphezulu isebenza khona, icelwa ukuba ilethe iziphakamiso zezidingo ezingayisiza, njengemishini yokusebenza nama-laptop. Uthe lolu hlelo lusiza amabhizinisi angu-20 minyaka yonke, kanti labo asebethole usizo kumele balinde iminyaka emibili ngaphambi kokufaka esinye isicelo ukuze nabanye bathole ithuba.

Ngakolunye uhlangothi, uTholiwe Ngidi woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho uthe bayazama ukusiza amabhizinisi ngezindlela ezahlukene ukuze akwazi ukuzimela nokusebenza isikhathi eside.

UTankiso Ngcobo uveze ukuthi ngonyaka ka-2026 bathatha intsha engu-600 bayiqeqesha ukuba ngabadayisi bezindlu. Uthe laba abasha bathola nezibonelelo kanye nama-laptop ukuze bakwazi ukuqhubeka nokuqeqeshwa baze baphothule ngesikhathi esibekiwe.

USizwe Zwane, omele iThekwini Metro emnyangweni wamalayisensi amabhizinisi, uchaze izinyathelo okufanele zilandelwe ukuze umuntu athole imvume yokusebenza kwebhizinisi ngokusemthethweni. Uveze ukuthi umnyango wabo awuhlinzeki ngoxhaso lwezimali.

UNthabiseng, omele iCapitec, uthe bayaweseka amabhizinisi asebenzayo ngokuwanikeza izinsiza ezahlukene, okubalwa ukuklama ukubukeka kwebhizinisi, ukulipenda, izambulela nezinto zokukhangisa. Uthe baphinde bahlinzeke ngemishini yokukhokhelisa i-POS ngamanani aphansi, ikakhulukazi kumabhizinisi afana nezitolo, amasaluni nezinye.

Ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi bathumele iziphakamiso ezichaza ngezidingo zamabhizinisi abo ukuze zihlolwe. Uveze nokuthi iCapitec inama-akhawunti angavulwa ngokushesha, angenayo imali yanyanga zonke, aphinde asetshenziswe ngohlelo lokusebenza lweselula.

UNeliswa Thusini, ongumsunguli wenkampani iLavish Gifting Boutique ezinze kwaMashu, uthe ibhizinisi lakhe ligxile ekwenzeni izipho zemicimbi eyahlukene. Ubuye wakhuluma ngolunye uhlelo alusungulile olubizwa ngeQueendom Empire, oluhlose ukuhlanganisa nokukhulisa abesifazane abasemabhizinisini.

Uthe lolu bekuwusuku lokuqala lohlelo olugxile osomabhizinisini abasebasha, njengengxenye yeSonto loSomabhizinisi. Uveze ukuthi uphume emhlanganweni esenolwazi oluningi oluzomsiza ekukhuliseni amabhizinisi akhe.

Isihloko esingasetshenziswa kuFacebook:

UMasipala weTheku uhlomisa osomabhizinisi abasebasha ngolwazi namathuba okukhulisa amabhizinisi abo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular