HomeNewsKuzothunyelwa Amaphoyisa Angu-688 KwaZulu-Natal Ukuqinisekisa Ukuphepha Ngesikhathi Sokhetho

Kuzothunyelwa Amaphoyisa Angu-688 KwaZulu-Natal Ukuqinisekisa Ukuphepha Ngesikhathi Sokhetho

UMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal usuthumele amaphoyisa angu-688 e-Road Traffic Inspectorate (RTI) kanye no-Operation Shanela ezifundeni ezahlukene zesifundazwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha kwabavoti kanye nezikhulu zokhetho ngesikhathi sokuvota.

Lesi simemezelo senziwe nguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma.

UDuma uthe la maphoyisa azosebenzisana ukuqinisekisa ukuhamba ngokuphepha kwabantu abalinganiselwa ezigidini eziyisithupha kanye nezikhulu zokhetho ezizoya eziteshini zokuvota ezingu-5 028 kwisifundazwe i KwaZulu Natal.

Uveze ukuthi lokhu kuthunyelwa kwamaphoyisa kubhekelele nokuthi kungase kube nokuxabana emigwaqweni, ukushayisana kwezimoto kanye nezimpi ezidalwa yintukuthelo yabashayeli ngenxa yokushuba kwemisebenzi yezepolitiki nokuncintisana kwamaqembu ngesikhathi sokhetho.

Uthe ngaphansi komkhankaso we-#NenzaniLaEzweni, amaphoyisa azogxila ekuvimbeleni ukuvalwa kwemigwaqo okungagunyaziwe, ekulawuleni isiminyaminya sezimoto, ekuqinisekiseni ukuhanjiswa ngokuphepha kwezinto zokhetho nasekuqiniseni ukugcinwa kwemithetho yomgwaqo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular