ITheku Liqokelwe Ukusingatha Ama-Olympic Nama-Paralympic ka-2036/2040

Date:

UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, usemukele ngesasasa ukukhethwa kweTheku njengedolobha elizomela iNingizimu Afrika emkhankasweni wokusingatha imidlalo yama-Olympic nama-Paralympic yango-2036 noma 2040.

Lesi simemezelo senziwe yiSouth African Sports Confederation, Olympic and Paralympic Committee (SASCOC) , mhla zingama-29 kuMfumfu 2026, kanti iTheku likhethwe kulandela inqubo yokuhlola amadolobha abethula izicelo zawo okubalwa i Gauteng neKapa.

UKhawula uthe uHulumeni waKwaZulu-Natal uzoweseka ngokugcwele umkhankaso weTheku futhi uzoqinisekisa ukuthi uthola ukwesekwa okudingekayo ukuze isicelo seNingizimu Afrika sibe yimpumelelo.

“Sifisa ukubonga iSASCOC, ithimba elibhekele ukuhlola kanye noMnyango kaZwelonke wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ngokwethemba amandla iTheku naKwaZulu-Natal abanawo okusingatha imidlalo yama-Olympic nama-Paralympic yango-2036 noma 2040. Umsebenzi onzima uqala manje wokulungiselela isicelo esizokholisa wonke umuntu ngokuthi singakwazi ukusingatha le midlalo,” kusho uKhawula.

Uthe ufisa nokubonga ithimba eliholwa nguDkt Vusi Mazibuko elisebenze ngokuzikhandla ukuhlanganisa izizathu ezizwakalayo nezizokwenza iTheku likhethwe njengedolobha elifanele.

“Leli thimba lisebenze ngokucophelela okukhulu futhi lenze umsebenzi ongaphezu kwalokho ebesikulindele. Isinyathelo esilandelayo ukuqinisekisa ukuthi silungiselela isicelo esiqinile, esingabizi kakhulu futhi esizokholisa labo abazobe behlola,” esho.

UKhawula uthe lo mkhankaso awuwona owaseThekwini kuphela, kodwa ungowaso sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal, iNingizimu Afrika kanye nezwekazi i-Afrika.

“Lesi sicelo akusona esaseThekwini kuphela. Siyisicelo sesifundazwe, sezwe kanye nezwekazi i-Afrika. Encwadini yethu ekhombisa inhloso yokungenela lo mkhankaso, siveze ukuthi namanye amadolobha nomasipala baKwaZulu-Natal bazohlomula uma le midlalo isingathwa eThekwini,” kusho yena.

Uveze ukuthi ukusingathwa kwale midlalo kungavula amathuba amaningi okuthuthukisa umnotho, ikakhulukazi emkhakheni wezokuvakasha, amahhotela kanye nezokuvakasha ezihambisana namasiko.

Uphinde wabonga iDolobha laseKapa kanye nelaseGoli ngokukhombisa ukuzimisela kwawo ngokungenela inqubo yokukhethwa kwedolobha elizomela iNingizimu Afrika.

Uma iNingizimu Afrika iphumelela, izoba yizwe lokuqala ezwenikazi i-Afrika ukusingatha imidlalo yama-Olympic nama-Paralympic.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Lusaqhubeka Uhlelo Lokuhlomulisa Izisulu Zango 2022

Imindeni engaphezulu kwekhulu (100) eyalahlekelwa yimizi ngesikhathi sezikhukhula ezinkulu...

Izikole Ezakhele I Theku Zibambe Iqhaza Kuhlelo Lokuhlanza Nokuvuselela Imfucuza

UMasipala weTheku wethule uhlelo olubizwa nge-“Divert Waste for My...

Banethemba Lokukhulisa Amabhizinisi Ngezinqunquthela Zokucobelelana Nabamazwe

Umasipala womkhandlu weTheku uyaqhubeka nokuqinisa amathuba amabhizinisi endawo okufinyelela...

Kucekeleke Phansi Amabhizinisi Adayisa Izimoto Kusha Umlilo

Izicishamlilo zikaMasipala weTheku zikwazile ukucisha umlilo obugqagqamuka endaweni okukhandwa...