UMasipala weTheku wethule uhlelo olubizwa nge-“Divert Waste for My Kasi”, okuhloswe ngalo ukukhuthaza ukugaywa kabusha kwemfucuza, ukulwa nokulahlwa kukadoti ngokungemthetho kanye nokugqugquzela izakhamuzi ukuba zibambe iqhaza ekugcineni izindawo ezihlala kuzo zihlanzekile.
Lolu hlelo luhlose ukwenza kube lula ukuthi izakhamuzi zithole izinsiza zokugaywa kabusha kwemfucuza ngokuthi lokhu kufakwe ezinhlelweni zokuqoqa udoti, ikakhulukazi emalokishini nasezindaweni zemijondolo. Luphinde luhlose ukuqwashisa abantu ngokubaluleka kokuvikela imvelo nokuphathwa ngendlela efanele kwemfucuza.
U khansela uSandile Gwala, ongusotswebhu weKomidi lezokuhweba nezinsizakalo, obemele iMeya ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo, ugcizelele ukubaluleka kokubandakanya izikole ekufundiseni abafundi ngokuphathwa ngendlela efanele kwemfucuza.
UGwala uthe kubalulekile ukufundisa izingane zisencane ngokugaywa kabusha kwemfucuza nokugcina izindawo ezihlala kuzo zihlanzekile, ukuze ukuze loluhlelo oluhle ludlulele nasemakhaya nasemiphakathini.
Ngaphansi kwalolu hlelo, izikole zizobamba iqhaza emqhudelwaneni obizwa nge-School Recycling and Cleanliness Competition, lapho abafundi nothisha bezogqugquzelwa ukuqoqa izinto ezingagaywa kabusha, ukugcina izikole zihlanzekile kanye nokutshala izingadi zokwenza umquba. Izikole zizothola inkokhelo ngezinto ezigaywa kabusha eziqoqiwe, kanti lezo ezenza kahle ekugcineni ukuhlanzeka nasekugayweni kabusha kwemfucuza zizoklonyeliswa.
Izinkontileka ze-Mega 9 ezihlinzeka ngezinsizakalo zokuqoqa udoti ezindaweni ezithile zasemalokishini nasezindaweni zemijondolo nazo zizobamba iqhaza ngokuqoqa izinto ezingagaywa kabusha ezikoleni nasemakhaya abamba iqhaza kulolu hlelo. Lezi zinto zizoyiswa ezikhungweni ezibhalisiwe zokugaywa kabusha kwemfucuza, okubalwa kuzo izikhungo ezithenga izinto ezigaywa kabusha kanye nezindawo zokuzilahla ngokufanele.
Lolu hlelo luphinde luhlose ukugqugquzela abafundi ukuba bavikele imvelo, ngokudlulisela ulwazi lokuphathwa kahle kwemfucuza emindenini yabo, komakhelwane nakwabanye abafundi.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


