Kucekeleke Phansi Amabhizinisi Adayisa Izimoto Kusha Umlilo

Date:

Izicishamlilo zikaMasipala weTheku zikwazile ukucisha umlilo obugqagqamuka endaweni okukhandwa kuyo izimoto kuChris Hani Road, eyayaziwa ngokuthi iNorth Coast Road, eRedhill ngoLwesibili ntambama, mhla zingama-27 kuMfumfu wezi-2026. Zibalelwa kuma 20 izimoto ezilimele ngenxa yalo mlilo.

UMasipala uthi uthole umbiko ngalesi sigameko ngaphambi ngezithub zantambama. Ngesikhathi izicishamlilo zifika endaweni yesigameko, zithole intuthu iphuma ngaphambili nangaseceleni kwesakhiwo, zabe seziqala umsebenzi wokucisha umlilo zisebenzisa amapayipi amathathu amanzi.

Izicishamlilo ezinhlanu zisebenzise izimoto zokucisha umlilo, okubalwa kuzo nesitebhisi esiphakeme esisetshenziswa ukufinyelela ezindaweni eziphakeme.

Zikwazile ukunqanda umlilo ukuthi ungadluleli kwamanye amabhizinisi angomakhelwane akulowo mgwaqo omatasa, wagcina uvaleleke endaweni yokulungiswa kwezimoto ebezilungiswa ngesikhathi kuqubuka lesi sigameko.

Umasipala uthi umlilo ucishwe ngokuphelele kungakapheli amahora amabili.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku abephethe ukuhamba kwezimoto kulo mgwaqo, ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli kanye nabasebenzi bezimo eziphuthumayo abebesebenza endaweni yesigameko.

Umqondisi woPhiko lwezokuCisha uMlilo neziNsizakalo zeziSimu eziPhuthumayo kuMasipala weTheku, u-Enoch Mchunu, uthe lolu phiko luzibophezele ekuvikeleni izimpilo zabantu kanye nempahla yabo.

UMchunu uthe izicishamlilo zikulungele ukuphendula noma nini uma kunesidingo sokusiza umphakathi.

“Abacishi bomlilo bethu bazibophezele ekusebenzeleni izakhamuzi zaseThekwini futhi bakulungele ukuphendula noma nini, kungakhathalekile ukuthi yisiphi isikhathi. Umsebenzi wanamuhla usisize sanqanda umlilo, savikela amabhizinisi angomakhelwane, futhi okubaluleke kakhulu, saqinisekisa ukuthi akekho olimele,” kusho uMchunu.

Umkhandlu unxusa abanikazi bamabhizinisi ukuba baqinisekise ukuthi izicishamlilo eziphathwayo ziyahlolwa futhi zinakekelwe njalo, izinto ezivutha kalula zigcinwe ngendlela ephephile, izintambo zikagesi zifakwe ngokusemthethweni nangokuphepha, kanti nezindlela zokuphuma ezimweni eziphuthumayo zihlale zingavalekile.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Banethemba Lokukhulisa Amabhizinisi Ngezinqunquthela Zokucobelelana Nabamazwe

Umasipala womkhandlu weTheku uyaqhubeka nokuqinisa amathuba amabhizinisi endawo okufinyelela...

Likhulile Izinga Lokubambisana Komphakathi Ne Wonderbrds KwaMashu

Izakhamuzi zaKwaMashu zihlangane KwaMashu Hub emcimbini wokuhlonipha abasebenzi nabantu...

Lilokhu likhule Njalo Izinga lomcimbi waKwamashu

Lo mcimbi ozoba ngoZibandlela uzobe ugubha iminyaka engu-12 wasungulwa,...

Bathole uqeqesho Lokuthuthuka Kumabhizinisi Okupheka KwaMashu

Osomabhizinisi abasebenza emkhakheni wokudla bagqugquzelwe ukuthi basebenzise amathuba atholakala...