HomeNewsI INK Tourism Izimisele Ukukhulisa Ezokuvakasha E INANDA

I INK Tourism Izimisele Ukukhulisa Ezokuvakasha E INANDA

Inyuvesi yaseThekwini Durban University Of Technology (DUT) ihlanganyele nenhlangano i-INK Tourism ngenhloso yokuthuthukisa ezokuvakasha eNanda, ngokunika abanikazi bamabhizinisi amancane ulwazi namakhono azobasiza ukukhulisa amabhizinisi abo. Lokhu kuvele emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi obubanjelwe e-Ezweni Lounge, eNanda, lapho bekugxilwe khona ekuthuthukisweni kwemikhiqizo yezokuvakasha, ukuphathwa kwamabhizinisi kanye nokwakha ubudlelwano phakathi kwababambiqhaza kulo mkhakha.

UDkt.D Khuluse ovela e DUT ugcizelele ukubaluleka kokuba nezihlu zokudla (menus) emabhizinisini okudla, wathi lokhu kusiza amakhasimende ukuthi azi ukuthi yini edayiswayo endaweni yokudlela, kuphinde kuwanike ithuba lokuzama izinhlobo zokudla ezahlukene nalezo azijwayele.

USasha Gunpath uveze ukuthi abanikazi bamabhizinisi amancane bavame ukwenza iphutha uma bebala izindleko zokuqhuba amabhizinisi abo, njengoba begxila kakhulu ezindlekweni zokuthenga ukudla bese bekhohlwa ezinye ezifana namaholo abasebenzi, ugesi namanzi.

Ugquqguzele ukuthi osomabhizinisi akufanele babheke izindleko zezithako zokudla kuphela, kodwa kumele babale zonke izindleko ezihambisana nokuqhuba ibhizinisi ukuze bagweme ukulahlekelwa yimali.

Phakathi kwezingxogxo ebezikhona u Gunpath kube ngumbozo ovula osomabhizinisi umbuzo othii “Ingabe kufanele sithuthukise ezokuvakasha bese sakha izindlela zokufinyelela ezindaweni zezivakashi, noma kufanele siqale sakhe izindlela zokufinyelela ukuze sikwazi ukuthuthukisa ezokuvakasha?”.

Uphinde waveza ukukhathazeka ngokushoda kwezimpawu zomgwaqo eziqondisa izivakashi ezindaweni ezibalulekile zomlando namagugu, okubalwa kuzo uMbuso omncane kaShaka. Uthe lokhu kwenza izivakashi ziduke endleleni futhi kube nzima ukufinyelela kulezi zindawo.

Uveze ukuthi ukushoda kwezimpawu zomgwaqo, ezokuthutha kanye nolwazi olucacile ngezinye zezingqinamba ezivimbela izivakashi ukuthi zivakashele kalula izindawo eziheha izivakashi eNanda.

UNozipho Sibiya woMnyango wezokuVakasha eNyuvesi yase DUT uthe ukuba khona kwabo eNanda kuyingxenye yohlelo lwenyuvesi lokubuyisela emphakathini ngokwakha amakhono kubanikazi bamabhizinisi ezokuvakasha.

Uthe enye yezindima ezibalulekile zenyuvesi wukubuyisela emphakathini ngokufundisa intsha kanye nabanikazi bamabhizinisi amancane ukuze bakwazi ukuzimela nokusebenzisa amathuba akhona emkhakheni wezokuvakasha.

Uveze ukuthi iNanda inamagugu amaningi omlando, amasiko kanye nemvelo, kodwa abantu bendawo abawatholi ngokugcwele amathuba angadalwa yilezi zinsiza.

“Inhloso yethu ukuqeqesha osomabhizinisi, ukuthuthukisa imikhiqizo yabo yezokuvakasha kanye nokubasiza ukuthi bafinyelele ezimakethe zezokuvakasha emhlabeni wonke.” Kusho u Sibiya

Uphinde wagcizelela ukuthi intsha yaseNanda kufanele ibone amathuba akhona endaweni yayo, ibuye izosebenza khona futhi isungule amabhizinisi ayo ahlobene nezokuvakasha kunokuphoqeleka ukuthi iyofuna amathuba kwezinye izindawo kuphela.

USizwe Lande, oyisekela likaSihlalo we-INK Tourism futhi ongumsunguli wenkampani i-Tour De INK, uchaze ukuthi i-INK Tourism yinhlangano ehlanganisa futhi ethuthukisa imikhiqizo yezokuvakasha etholakala endaweni yase-INK.

Uthe umsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi abanikazi bamabhizinisi kanye nemikhiqizo yezokuvakasha abangamalungu ale nhlangano bayahambisana nemithetho nemigomo elawula amabhizinisi abo, okubalwa kuyo nemithetho ephathelene nezindawo zokulala.

Uthe umhlangano obubanjwe ngalolu suku ubuhlose nokwakha ubudlelwano phakathi kwe-INK Tourism ne-DUT ukuze kuqiniswe ukuthuthukiswa kwezokuvakasha endaweni.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular