U Sodolobha kaMasipala weTheku, uMusa Mbhele, ihole izinhlaka zikamasipala ekuhloleni izindawo ezahlukene enkabeni yedolobha I Theku, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi idolobha likulungele ukwamukela izivakashi ngesikhathi samaholidi.
Lokhu kuhlola bekuhlose ukuhlonza izindawo ezinezinkinga, ukubheka inqubekelaphambili yokuvuselelwa kwenkaba yedolobha kanye nokuhlola isimo sengqalasizinda ngemuva kwezimvula ezisukela kuMandulo.
Isikhathi samaholidi ngesinye sezikhathi ezimatasa kakhulu eThekwini njengoba kulindeleke ukufika kwezinkumbi zezivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe zizozithokozisa ngamabhishi, izindawo zokungcebeleka kanye nemicimbi eyahlukene.
Lokhu kwandisa isidingo sezidingo zomphakathi okubalwa kuzo amanzi, ugesi, ukuthuthwa kwemfucuza, ukulawulwa kwezimoto kanye nezokuphepha. Kuphinde kube yisikhathi esibalulekile emnothweni njengoba kusiza amabhizinisi ezokuvakasha, amahhotela, osomabhizinisi abancane kanye nabadayisi basemgwaqweni.
UMbhele uthe kubalulekile ukuthi amalungiselelo abonakale kusenesikhathi, ngaphambi kokuba kufike izinkumbi zezivakashi.
“I Theku yidolobha abantu abakhetha ukuza kulo bezogubha futhi bachithe isikhathi sabo. Esikubhekile wukuqinisekisa ukuthi izidingo zomphakathi ziyakwazi ukubhekana nesibalo esikhulu sabantu esilindelekile ngalesi sikhathi samaholidi. Umsebenzi kumele wenziwe manje, izikhulu zibe sezindaweni ezahlukene zibheke inqubekelaphambili futhi zilungise okudingekayo ngaphambi kokufika kwesikhathi esimatasa,” kusho uMbhele.
Izikhulu ziphinde zahlola imisele yamanzi emvula, imigwaqo, izindlela zabahamba ngezinyawo kanye nezibani zasemgwaqweni ukuze kubhekwe ukuthi ingqalasizinda ikwazi yini ukubhekana nezimvula eziqhubekayo. Zihlonze nezindawo ezisadinga ukulungiswa.
UMbhele uthe ukuba nedolobha elihlanzekile neliphephile kubalulekile ekukhuliseni umnotho nokuvula amathuba emisebenzi.
Uthe ukuvuselelwa kwenkaba yedolobha akumele kube yinto yokwenza idolobha libukeke kahle kuphela, kodwa kumele kusize ukukhulisa umnotho nokuthuthukisa impilo yezakhamuzi.
Uphinde wagcizelela ukuthi izikhulu eziphezulu kumele ziphume emahhovisi ziyobheka mathupha umsebenzi eziwengamele.
“Ukuthuthukisa izinga lokuhlinzekwa kwezidingo ngeke kwenzeke izikhulu zihleli emahhovisi. Imenenja ngayinye kumele yazi isimo sezindawo namaphrojekthi engamele. Imibiko kumele ihambisane nalokho okubonwa phansi. Kumele baphume bayohlola izinga lomsebenzi nokuqinisekisa ukuthi uyenziwa ngendlela efanele,” kusho yena.
Lokhu kuhlola kuza ngesikhathi iTheku liqhubeka nokuthola ukunakwa emhlabeni jikelele kulandela ukuqokwa kwalo yiSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (SASCOC), mhla zingama-29 kuMfumfu 2026, njengedolobha elikhethwe ukumela iNingizimu Afrika emkhankasweni wokusingatha imidlalo yama-Olympic nama-Paralympic yango-2036 noma 2040.
UMbhele uthe lokhu kwandisa isibopho sikamasipala sokuqinisekisa ukuthi idolobha lisebenza ngezinga eliphezulu ngaso sonke isikhathi.
Izinkinga ezihlonziwe kulolu hambo zizodluliselwa eminyangweni efanele ukuze zilungiswe, kanti kuzophinde kube nokunye ukuhlola ukuze kubhekwe ukuthi umsebenzi usuhambe kangakanani.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
