HomeIzindabaKugqugquzelwa Abaqashi Ukuba Babhalisele I UIF

Kugqugquzelwa Abaqashi Ukuba Babhalisele I UIF

UMnyango Wezabasebenzi nokuQashwa (Department of Employment and Labour) uhambele e Kokstard ngokuhlanganyela nabezindaba kumhlangano wokufundisa umphakathi ngezindaba zesikhwama somshwalense wabasebenzi (UIF) eKokstad, lapho kukhuthazwe khona abaqashi nabasebenzi ukuba babhalise futhi baqinisekise ukuthi bayayilandela imigomo nemithetho yalesi sikhwama.

U Mpilo Khumalo, osebenza njengomphenyi wokuhlola abaqashi (Employer Audit), uthe kubalulekile ukuba abasebenzi nabaqashi baqonde indlela i-UIF esebenza ngayo, baqinisekise ukuthi bayabhalisa futhi bayayikhokha imali efanele ukuze abasebenzi bakwazi ukuthola usizo uma belahlekelwa yingxenye noma yiholo labo.

Uveze ukuthi ngokwesigaba 12(1)(b) soMthetho Ochibiyelwe we-UIF ka-2016, isisebenzi esisebenza kunoma yimuphi umkhakha, ngaphandle kwabasebenzi basemakhaya, singakwazi ukufaka isicelo sosizo uma amahora aso okusebenza encishisiwe, okuholele ekutheni lehle neholo laso, yize sisasebenza.

Uchaze ukuthi uma iholo lesisebenzi selingaphansi kwemali ebesizoyithola ukube besingasasebenzi nhlobo, singafaneleka ukuthola lezi zinzuzo, uma sinamakhredithi anele.

Uthe abafisa ukufaka izicelo kumele babe nomazisi waseNingizimu Afrika onamakhodi ayishumi nantathu noma amaphepha asemthethweni abantu bangaphandle, kanye namafomu e-UI 2.1, UI 2.8 kanye ne-UI 2.7.

Ngakolunye uhlangothi, U Mhawukeli Ngubane weKhomishana Yokuxazulula Izingxabano Zabasebenzi (CCMA) ukhuthaze abasebenzi ukuba bawazi amalungelo abo futhi bangasabi ukufaka izikhalazo uma bencishwa amalungelo abo emsebenzini.

Uthe abasebenzi kufanele baqinisekise ukuthi banabo ubufakazi obudingekayo uma befaka izikhalazo, waphinde waveza ukuthi isikhathi esesidlulile akusho ukuthi umuntu akasakwazi ukufuna imali yakhe, uma esenolwazi oluqinisekile kanye nobufakazi obusekelayo.

Uqhube wathi kubalulekile ukuba abasebenzi bangayeki ukulwela amalungelo abo ngoba bengazi ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele bazithathe.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular