Kwethulwe indiza entsha ezoxhumanisa iTheku ne-Addis Ababa

Date:

Kwethulwa kohambo lwendiza oluqondile phakathi kweTheku ne-Addis Ababa e-Ethiopia. Inkampani yezindiza i-Ethiopian Airlines izoqala uhambo olusha nsuku zonke kusukela mhla ziyi-11 kuZibandlela 2026, kanti nokubhukha sekuvuliwe. Lolu hambo luzosetshenziswa ngendiza i-B737 Max.

I-Addis Ababa ingenye yezikhungo ezinkulu zezindiza e-Afrika, okwenza le ndlela entsha inikeze abagibeli baseThekwini amathuba alula okuxhumana nezinye izindawo e-Afrika, eYurophu, e-Asia, eMiddle East naseNyakatho Melika. Lokhu kusho ukuthi abantu abahamba besuka eThekwini bazokwazi ukufinyelela emadolobheni afana ne London, Paris, Frankfurt, Mumbai, Delhi kanye neWashington ngokuxhuma e-Addis Ababa.

UNgqongqoshe weKwaZulu-Natal wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, Rev. Musa Zondi, uthe lolu hambo olusha luyisinyathelo esibalulekile ekuxhumaniseni lesi sifundazwe nomhlaba. Uthe ukuxhumana kwezindiza kungaba nomthelela ekukhuliseni umnotho, ezokuvakasha, ukuhwebelana kanye nokutshalwa kwezimali.

I-Durban Direct ithe lolu hlelo luzokwenza iTheku lifinyeleleke kalula kubavakashi bakwamanye amazwe nakosomabhizinisi. Kulindeleke ukuthi lolu hambo lusize nasekukhuliseni isibalo sabavakashi abavela e-Ethiopia, kwamanye amazwe ase-Afrika kanye nakwezinye izimakethe zomhlaba.

UHamish Erskine, uSihlalo obambisene weDurban Direct, uthe ukwethulwa kwale ndlela entsha kukhombisa impumelelo yokusebenzisana phakathi kwezinkampani zezindiza, ezokuvakasha kanye nohulumeni ekuthuthukiseni ukuxhumana kweKwaZulu-Natal nomhlaba. Uhambo lokuqala lweTheku–Addis Ababa kulindeleke ukuthi luqale mhla ziyi-11 kuZibandlela 2026.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bashiyelane Inkundla Ngemisebenzi Yesayensi Abafundi

I-South African Environmental Observation Network (NRF-SAEON) ibambe inkomfa yezikole...

Ukhuthaze Umphakathi Ukuba Uhlolele Umdlavuza.

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, usenxuse amadoda ukuba ayeke...

Kuqwashiswe Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu

Umhlangano obubanjwe eDurban Botanic Gardens, uhlanganise izintatheli, ososayensi abafunda...

Kusale Oyedwa Kwabathathu Abe MarchAndMarch.

Lihlehlele uLwesihlanu womhlaka 16 kuMfumfu 2026 icala labasolwa ngophehla...