HomeEzomphakathiKuzodonsa Izinsuku Ezintathu Ukubalwa Kwamavoti

Kuzodonsa Izinsuku Ezintathu Ukubalwa Kwamavoti

Omele iKhomishana Ezimele Yokhetho (IEC), uNtombifuthi Masinga, uthi imiphumela yokhetho kulindeleke ukuthi ibe isikhishiwe ngeSonto, njengoba ukubalwa kwamavoti kuqhubeka kwezinye izindawo.

UMasinga uthi sekunezindawo zomasipala lapho ukubalwa kwamavoti sekuqediwe khona, kodwa kulindeleke ukuthi uMasipala weTheku kube ngowokugcina ukuqeda umsebenzi ngenxa yokuba ngumasipala omkhulu.

Ngakolunye uhlangothi oyiphini kulekhomishana ye-IEC, Mawethu Misery, uthi bekulindeleke ukuthi kubalwe izindawo ezingaphezu kuka-6 000, kanti kuze kube manje sekuphothulwe ukubalwa kwezindawo ezingu-3 000.

Uthi umsebenzi wokubala usaqhubeka ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke imiphumela iyacutshungulwa futhi ikhishwe uMasinga uqhubeke waveza ukuthi isibalo sabavoti ababambe iqhaza okhethweni KwaZulu-Natal kulo nyaka simi ku-44%. I-IEC iyaqhubeka nokubheka inqubekelaphambili yokubalwa kwamavoti ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke imiphumela iyakhishwa. Amaqembu ezepolitiki ashintsha umzuzu nomzuzu kumaphodi abonisa izibalo zamaqembu asemjahweni okuphatha isifundazwe kohulumeni bezasekhaya.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular