Umhlangano obubanjwe eDurban Botanic Gardens, uhlanganise izintatheli, ososayensi abafunda ngesimo sezulu, abacwaningi nongoti bakamasipala, abebecobelelana ngolwazi ngezibikezelo zesimo sezulu, ukulungela izinhlekelele, ezempilo, ukuvikelwa kwengqalasizinda kanye nokunakekelwa kwemvelo.
Kulolu hlelo kube nezethulo ezivela kwiSouth African Weather Service mayelana nezibikezelo zesimo sezulu ne-El Niño, uSolwazi Cathy Sutherland waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal okhulume ngomthelela wokushintsha kwesimo sezulu kohulumeni basekhaya, kanye noSolwazi Rajen Naidoo okhulume ngemiphumela yokushisa ngokweqile ezinganeni nezindlela zokuvikela impilo yomphakathi.
Okhulumela umasipala waseThekwini, uSenzelwe Mzila, ugcizelele ukubaluleka kwezintatheli ekudluliseleni ulwazi olunembile nolufike ngesikhathi kubahlali mayelana nezingozi ezihambisana nesimo sezulu.
UMzila uthe kubalulekile ukuthi umphakathi uthole ulwazi oluyiqiniso ukuze ukwazi ukuzilungiselela izimo ezingase zibe yingozi.
USolwazi Sutherland uthe i-El Niño ayizidali izinkinga ezintsha, kodwa yandisa ubunzima bezinselelo esezikhona, okubalwa ukushoda kwamanzi nokudla, izingozi zempilo kanye nemiphumela yobubha.
Uthe ukubhekana nalezi zinselelo kudinga ukubambisana phakathi kukahulumeni, imiphakathi, abacwaningi kanye nezinkampani ezizimele ukuze kutholakale izindlela zokuzivumelanisa nezimo nokusabela ngempumelelo.
Phakathi kwezinto okuxoxwe ngazo kubalwa ukutholakala kwamanzi nokudla, ukunciphisa izingozi zezinhlekelele, ukwakhiwa kwengqalasizinda ekwazi ukumelana nezimo zezulu ezimbi, ukulawulwa kokungcoliswa komoya kanye nokubaluleka kwezixwayiso zangaphambi kwesikhathi ukuze kuvikelwe imiphakathi esengozini.
Ngesikhathi kwethulwa ngezinhlelo zokulungela izinhlekelele, uJotham Khumalo woPhiko lokuPhathwa kweziNhlekelele eThekwini uveze izinyathelo ezithathwe umasipala ukulungiselela izimo eziphuthumayo ezihambisana nesimo sezulu.
Umasipala uphinde wabuyekeza uhlelo lwawo lokulawula ubungozi nokusabela ezinhlekeleleni, wasebenzisa nezifundo ezitholwe ezikhukhuleni ezedlule ukuze kuthuthukiswe izindlela zokusabela ezinhlekeleleni ezizayo.
Umkhandlu weTheku uthe uzoqhubeka nokusebenzisana nezintatheli ukuze kuqinisekiswe ukuthi izakhamuzi zithola ulwazi ngezingozi ezihambisana nesimo sezulu kanye nezinyathelo ezithathwayo ukuvikela imiphakathi, ingqalasizinda nezinsiza ezibalulekile.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


