Ukhuthaze Umphakathi Ukuba Uhlolele Umdlavuza.

Date:

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, usenxuse amadoda ukuba ayeke ukwesaba ukuya ezikhungweni zezempilo, wathi ukubambezeleka kokuyohlolwa kuholela ekutheni izifo ezelaphekayo zibe zimbi, zitholakale sekwephuzile kugcine kushona abantu kungakafanele.

USimelane ubekhuluma ngesikhathi kuqhubeka uhlelo i-Isibhedlela Kubantu eTafuleni, kuWadi 3 eThekwini, lapho bekugxilwe khona empilweni yamadoda, ukutholakala kwezifo eziyingozi kusenesikhathi, impilo yengqondo kanye nokubaluleka kokuthola usizo lwezempilo.

Uthe kuyakhathaza ukuthi amadoda amaningi asaya ezikhungweni zezempilo kuphela uma izimo zawo sezimbi kakhulu, noma izinhlungu sezibekezeleleka. Uveze ukuthi lokhu kuphazamisa imizamo yokuvikela izifo nokuzithola kusenesikhathi, ikakhulukazi emadodeni amnyama.

USimelane uthe uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usuthathe izinyathelo zokwenza izikhungo zezempilo zibe yizindawo ezamukelekayo emadodeni, okubalwa kuzo ukuqasha nokuthumela abasebenzi besilisa kwezinye izikhungo ukuze basize amadoda azizwa engakhululekile uma ezohlolwa.

“Ngeke siqhubeke nokulahlekelwa obaba, abafowethu, abayeni namadodana ngenxa yezifo ebezingatholakala zelashwe kusenesikhathi. UMnyango wezeMpilo wenze imizamo yokwamukela amadoda ezikhungweni zezempilo, okubalwa nokutholakala kwabasebenzi besilisa abazowasiza. Kodwa le mizamo izophumelela kuphela uma amadoda ezibophezela ekunakekeleni impilo yawo, eza njalo ukuzohlolwa, ahlolelwe izifo futhi athole ukwelashwa.” Kusho u Simelane.

Uphinde waxwayisa amadoda ngokuthembela kubalingani bawo ukuze azi isimo sawo sokutheleleka ngegciwane lesandulela ngculazi, i-HIV, wathi wonke umuntu kumele azithathele yena isinqumo sokuyohlolelwa leli gciwane ukuze azi isimo sakhe sempilo.

USimelane uthe kuyakhathaza ukuthi amanye amadoda acabanga ngokuhlolelwa i-HIV kuphela uma abalingani bawo bekhulelwe noma uma abesifazane kuyibona abaqala ingxoxo ngokuhlolwa.

Uwanxuse ukuba ayeke lo mkhuba, azijwayeze ukuyohlolelwa i-HIV njalo, athole ukwelulekwa kanye nokwelashwa uma kudingeka.

USimelane uphinde wakhuluma ngokutholakala komdlavuza wendlala yesinye sekwephuzile, wathi usalokhu uyinkinga enkulu ethinta impilo yamadoda. Unxuse amadoda, ikakhulukazi lawo anezimpawu ezikhathazayo noma anomlando walo mdlavuza emindenini yawo, ukuba abonane nabasebenzi bezempilo ukuze athole ulwazi ngokuhlolwa okufanele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bashiyelane Inkundla Ngemisebenzi Yesayensi Abafundi

I-South African Environmental Observation Network (NRF-SAEON) ibambe inkomfa yezikole...

Kuqwashiswe Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu

Umhlangano obubanjwe eDurban Botanic Gardens, uhlanganise izintatheli, ososayensi abafunda...

Kusale Oyedwa Kwabathathu Abe MarchAndMarch.

Lihlehlele uLwesihlanu womhlaka 16 kuMfumfu 2026 icala labasolwa ngophehla...

Kuqhakambiswa Izimoto Ezihamba Ngogesi.

U Ndunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, ubehola umcimbi wokwamukela uhlobo...