UMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal ubungaze usuku lomhlaba wonke olubizwa ngokuthi yi-National Emergency Medical Services Day, endaweni yase Amoati. U Ngqongqoshe weze Mpilo Nomagugu Simelane ugubhe lolusuku ngokuba semphakathini wethula izithuthi zeziguli.
Kwethulwa ama ambulance angamashumi amathathu neshagalombili (38) kanye namabhasi amane (4) azosatshalaliswa isifundazwe sonke, ukuze kwehle isikhathi esilindwa izigulu uma ngabe zifuna usizo lwezeMpilo.
“Umsebenzi wethu namhlanje umsebenzi obalulekile. Namhlanje sizogubha usuku lwabezimo eziphuthimayo (EMS). Okwesibili okwesibhedlela kubantu. Umsebenzi wabezimo eziphuthimayo umsebenzi omqoka kakhulu”. Kusho u Simelani.
UNgqongoshe uthi abezimo eziphuthumayo bawumgogodla woMnyango.
” Abezimo eziphuthumayo bafika kuqala endaweni yesehlakalo. Babeka impilo yabo engcupheni ngoba kumele basindise impilo. Inkinga bazithola sebehlukumezeka bekhonjwe ngezibhamu bephucwe omakhalekhukhwini abo. Kubalulekile ukuthi babe nendawo lapho bethululela khona. Yingakho sesabahlelela abeluleki bezongqondo.” Kusho Luvuno.
U Simelane unxuse umphakathi ukuba uvikele abezimo eziphuthumayo ngoba bawusizo olomqoka emphakathini. Uphinde wagqugquzela ukugonywa kwezingane ngesikhathi esifanele. Kuphinde kwagqugquzelwa abantu ukuba bahlolele izifo ezahlukene kuhlanganisa umdlavuza wamabele, owomlomo wesibeletho kanye nowomshini wabantu besilisa.
Ngakolunye uhlangothi, iNkosi yamaQadi u Mqoqi Ngcobo uzwakalise ukubonga ngokuthi lo mcimbi ubanjelwe esizweni samaQadi. Ube ese nxusa ukuthi unqonqoshe aqhubeke nezinhlelo ezinjengalezi, ikakhulukazi ezithinta imitholampilo engomahamba nendlwana (mobile clinics), ukuze izakhamuzi ezisezindaweni ezahlukene zikwazi ukuthola izinsizakalo zezempilo kalula.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


