UNgqongqoshe Wezokuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha kanye Nezemvelo uMfundisi uMusa Zondi uqinisekisile ukuthi isifundazwe saseKwaZulu-Natal sizothola isamba semali esingu-R124,576 billion kanye nemisebenzi engu-207,468 ezoqashwa unomphelo.
UMfundisi Zondi ukusho lokhu kwiNgqungquthela Yokutshalwa Kwezimali KwaZulu-Natal yango-2026 ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, ngoLwesine mhla ziyi-15 kuMfumfu 2026. Ekhuluma phambi kwabatshali-mali nosomabhizinisi.
“Siyaqinisekisa ukuthi isamba semali esizotshalwa kulesi sifundazwe siwu-R124,576 billion. Lokhu kuzodala imisebenzi engu-207,468 ezoqashwa unomphelo – akusiyo yesikhashana. Yimisebenzi ezondla imindeni yasesifundazweni. Lesi yisibonakaliso sokuthi i KZN ivulekile ukwenza ibhizinisi.” Kusho Umfundisi U Zondi.
Le mali eyeqe ngama-R29 billion inhloso ka-2026 eyayingu-R95 billion. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli obekhona kule Ngqungquthela ubekanye noNgqongqoshe Wezohwebo uParks Tau, iMeya yeTheku uCyril Xaba kanye nosomabhizinisi abakhulu abavela kwizifundazwe ezakhele i Ningizimu Africa.
UNdunankulu uNtuli ubonge abatshalizimali ngokwethemba abakhombise sona esifundazweni, wathi nakuba kube nesiyaluyalu muva nje eThekwini, uhulumeni uqinisekisa ukuphepha.
“NjengoNdunankulu waKwaZulu-Natal, nginiqinisekisa ukuthi iTheku ngeke liphinde libe nalesi simo ngesikhathi ngisabusa.” Kusho u Ntuli.
UNdunankulu ugcizelele ukuthi le mali izosakazeka kuzo zonke izifunda kusukela eKing Cetshwayo, eZululand, eThekwini kuya kuHarry Gwala.
“Isifundazwe esikhula endaweni eyodwa siyisifundazwe esisengcupheni. Ngiyaninxusa bantu bonke ukuba nitshale imali ezinhlelweni ezifana nalezi”. Kusho u Ntuli.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


