Lihlehlele uLwesihlanu womhlaka 16 kuMfumfu 2026 icala labasolwa ngophehla udlame emphakathi abangamalungu e MarchAndMarch. Jaji uScelo Zuma lidedele u Siphelele (Magolide) Shinga 40, noMalizo Dzanibe, 31, ngebheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Kulindeleke ukuthi baphinde bavele enkantolo ngoLwesihlanu, mhla ziyi-16 kuMfumfu wezi-2026, kanti uWandile Ntsibande yena uzohlala esitokisini kuze kube uyavela enkantolo. I Jaji u Zuma ugcizelele ukuthi omunye umbandela webheyili ukuthi laba abakhululiwe bangabambi iqhaza emibhikishweni enodlame ngesikhathi kusaphenywa icala labo.
Ngesikhathi kuqhubeka icala, u Nsibande uthi amaphoyisa abefuna ukumbulala ngemuva kokuboshwa kwabo ngoMgqibelo. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uqhubeke nokulwela izimfuno zawo ngesikhathi esezobuyiselwa esitokisini.
Omele abe MarchandMarch u Xolani Zuma, uveze ukuthi ukwesekwa kokuthi u Nsibande ahlale esitokisini kuhlobene nokuphepha kwakhe, njengoba kutholakele ukuthi uke wahlukunyezwa ngaphandle ngaphambi kokuboshwa kwakhe.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, u Nsibande ukhombise izindawo ezithile ezithweni zakhe zangasese athi wadutshulwa kuzo. Umholi we March and March Movement uthe isinqumo senkantolo sokunikeza uShinga no Dzanibe ibheyili besifanele. u Zuma ongumeli uphinde wathembisa ukuthi u Ntsibande naye uzogcina ekhululiwe ngebheyili ngokuhamba kwesikhathi.
Icala kulindeleke ukuthi liqhubeke ngoLwesihlanu, mhla ziyi-16 kuMfumfu wezi-2026, lapho Shinga no Dzanibe bezophinde bavele khona enkantolo.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


