HomeNewsKuqaliwe Ukwethulwa Izinhlelo Zomkhankaso Wezokuphepha Kumaholide

Kuqaliwe Ukwethulwa Izinhlelo Zomkhankaso Wezokuphepha Kumaholide

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, kanye noKhomishana wamaPhoyisa obambile esifundazweni, uGeneral Phumelele Makhoba, bethule ngokusemthethweni umkhankaso wezokuphepha nowokulwa nobugebengu ngesikhathi samaholidi. Lo mcimbi ububanjelwe eDurban Amphitheatre eNorth Beach, eThekwini, kuhlangene nezinhlaka zomthetho nezokuphepha komphakathi.

Lo mkhankaso ungaphansi kwengqikithi ethi, “Ukulwa nobugebengu ngokuthatha izinyathelo eziqinile kwamaphoyisa nangokubambisana nomphakathi.”

U Ntuli uthe uhulumeni wesifundazwe uzimisele ngokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi kanye nezivakashi ziphephile kuzo zonke izingxenye zesifundazwe.“Umyalezo wethu ucacile, iKwaZulu-Natal kumele iphephe kuwo wonke umuntu, yonke indawo nangezikhathi zonke,” kusho uNtuli.

UMakhoba unxuse umphakathi ukuthi ubike ubugebengu emaphoyiseni, ungazesabi izigebengu.Uthe abantu bangadlulisela imininingwane bengadaluli amagama abo, wathembisa ukuthi amaphoyisa azothatha izinyathelo ezisheshayo ngokubopha abasolwa. Lo mkhankaso uhlose ukuqinisa ukubambisana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwawo wonke umuntu ngesikhathi samaholidi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular