U Meya womkhandlu weTheku, uCyril Xaba, wethule ngokusemthethweni uhlelo lokugubha inyanga Yezokuvakasha kanye nohlelo lwesikhathi sasehlobo eTyler’s eMdloti.
Lomcimbi uyingxenye yemizamo kaMasipala yokukhuthaza iTheku njengedolobha elihamba phambili kwezokuvakasha kanye nokulungiselela isikhathi samaholidi asehlobo, okuyisikhathi esivame ukubonakala ngokwanda kwezivakashi edolobheni.
Loluhlelo lugqamisa ukubaluleka komkhakha wezokuvakasha emnothweni wendawo, ngesikhathi kukhangiswa amabhishi aseThekwini, ezokungcebeleka, izindawo zokulala, ezokwamukela izivakashi kanye nezinye izindawo eziheha izivakashi nezakhamuzi. U Xaba uthe idolobha lizimisele ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zamukelwa kahle futhi ziphephile ngesikhathi sehlobo esizayo.
UMasipala kulindeleke ukuthi usebenzisane nababambiqhaza abahlukene emkhakheni wezokuvakasha nezokwamukela izivakashi ukuze kuqinisekiswe ukuthi izivakashi zithola ulwazi oluhle ngesikhathi zivakashele eThekwini. Isikhathi sasehlobo sibaluleke kakhulu emabhizinisini asebenza kwezokuvakasha, ezindaweni zokuhlala, ezokwamukela izivakashi nezokungcebeleka, njengoba kulindeleke ukuthi izinkulungwane zezivakashi zivakashele leli dolobha.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


