ITheku Ligqamisa Umfumfu Njengenyanga Yomnotho

Date:

U Meya womkhandlu weTheku, uCyril Xaba, wethule ngokusemthethweni uhlelo lokugubha inyanga Yezokuvakasha kanye nohlelo lwesikhathi sasehlobo eTyler’s eMdloti.

Lomcimbi uyingxenye yemizamo kaMasipala yokukhuthaza iTheku njengedolobha elihamba phambili kwezokuvakasha kanye nokulungiselela isikhathi samaholidi asehlobo, okuyisikhathi esivame ukubonakala ngokwanda kwezivakashi edolobheni.

Loluhlelo lugqamisa ukubaluleka komkhakha wezokuvakasha emnothweni wendawo, ngesikhathi kukhangiswa amabhishi aseThekwini, ezokungcebeleka, izindawo zokulala, ezokwamukela izivakashi kanye nezinye izindawo eziheha izivakashi nezakhamuzi. U Xaba uthe idolobha lizimisele ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zamukelwa kahle futhi ziphephile ngesikhathi sehlobo esizayo.

UMasipala kulindeleke ukuthi usebenzisane nababambiqhaza abahlukene emkhakheni wezokuvakasha nezokwamukela izivakashi ukuze kuqinisekiswe ukuthi izivakashi zithola ulwazi oluhle ngesikhathi zivakashele eThekwini. Isikhathi sasehlobo sibaluleke kakhulu emabhizinisini asebenza kwezokuvakasha, ezindaweni zokuhlala, ezokwamukela izivakashi nezokungcebeleka, njengoba kulindeleke ukuthi izinkulungwane zezivakashi zivakashele leli dolobha.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bashiyelane Inkundla Ngemisebenzi Yesayensi Abafundi

I-South African Environmental Observation Network (NRF-SAEON) ibambe inkomfa yezikole...

Ukhuthaze Umphakathi Ukuba Uhlolele Umdlavuza.

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, usenxuse amadoda ukuba ayeke...

Kuqwashiswe Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu

Umhlangano obubanjwe eDurban Botanic Gardens, uhlanganise izintatheli, ososayensi abafunda...

Kusale Oyedwa Kwabathathu Abe MarchAndMarch.

Lihlehlele uLwesihlanu womhlaka 16 kuMfumfu 2026 icala labasolwa ngophehla...