Bakhuthazwe Ngokuzibandakanya Nezokuvakasha.

Date:

IKaslam Events ibambisene neDurban Tourism ekukhuthazeni intsha ukuthi yazi ngomlando, amasiko kanye nezindawo eziheha izivakashi eThekwini, ngesikhathi iphinde ilungiselela umcimbi omkhulu womculo nezokungcebeleka ozoba KwaMashu ngoDisemba.

Ngohlelo lwe-Tourism Awareness Month Tour, iKaslam Events neDurban Tourism bahlanganise abafundi abangaphezu kuka-200 abavela ezikhungweni zemfundo ephakeme, okubalwa kuzo i-Elangeni TVET College ne-University of KwaZulu-Natal (UKZN).

Lolu hambo lube nenkundla yokuthi abafundi bafunde ngomlando, amasiko kanye nezindawo ezibalulekile zaseThekwini, ngenhloso yokubakhuthaza ukuthi nabo babe yingxenye yokukhuthaza ezokuvakasha nokwabelana ngolwazi nezivakashi.

UNokubonga Mchunu, ongumfundi wase-Elangeni TVET College, uthe lolu hambo lube yithuba lokufunda izinto abengazazi ngaphambilini.

 “Kuningi ebengingakwazi ngakho, njengendawo okwake kwaba khona uMandela kanye nabantu abasilwela. Sengizokwazi ukutshela labo abazayo emva kwami,” kusho uMchunu.

IKaslam Events iphinde yamemezela ukuthi isilungiselela umcimbi we-InKasi Xperience, ozoba ngoMgqibelo, mhlaka-19 kuZibandlela 2026, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Lo mcimbi kulindeleke ukuthi uhlanganise abathandi bomculo, ezobuciko namasiko, kanti kuzobe kunandisa abaculi okubalwa kubo iBoom Shaka, uSjava noKelvin Momo kanye nabanye.

Abahleli bathi i-InKasi Xperience ihlose ukuhlanganisa umphakathi ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, inikeze abantu baseKwaMashu nezindawo ezizungezile ithuba lokuzithokozisa ngomculo waseNingizimu Afrika.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Undunankulu Ugqugquzele Ukuthula Kukhetho Luka 2026.

U Ndunankulu waKwaZulu-Natal uxwayise ngokuthi ubuholi bamaqembu ezepolitiki buyavivinywa...

Ukhala Ngomhlomulo We Ngonyama Trust Oka Zwelithini

Inyanga ka Mandulu e Ningizimu Afrikha yaziwa njengenyanga yamagugu...

Kuzohlinzekwa Osopolitiki Ngoqeqesho Lokhetho

Umkhandlu weTheku ubambe ingxoxo ekhethekile nabezindaba nenhlangano ebhekelele ukhetho...

GBV Command Centre records sharp rise in calls as Department urges victims to speak out

More people are reaching out for help as concerns...