U Ndunankulu waKwaZulu-Natal uxwayise ngokuthi ubuholi bamaqembu ezepolitiki buyavivinywa ngesikhathi sokhetho, wathi isifundazwe sesilahlekelwe ngabaholi abaningi ngenxa yokubulawa kwabantu okuhlobene nepolitiki.
Ekhuluma emcimbini weKhomishini yoKhetho eNingizimu Afrika (IEC) obubanjelwe e-Olive Convention Centre eThekwini uthe abantu baseNingizimu Afrika kumele bakhethe indlela yokuthula kunodlame njengoba izwe libheke okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba mhla zi-4 kuLwezi 2026.
Uthe iKwaZulu-Natal isingcwabe abantu abaningi ngenxa yokubulawa kwabantu okuhlobene nepolitiki, waphinde wakhumbuza ngomsebenzi weKhomishini kaMongameli uMoerane eyaveza ubudlelwano phakathi kokubulawa kwabantu kwezepolitiki, ukulwela izikhundla kanye nezinsiza.
“Lokhu kusho ukuthi izwe kwadingeka lisungule ithimba elikhethekile elibhekene nokubulawa kwabantu okuhlobene nepolitiki. Lokhu kuyisici esibi emsebenzini wentando yeningi esawuqala ngo-1994 nango-1996,” kusho u Ntuli.
U Ntuli ubalule lokhu ukuthi sekuphelile ngentando yeningi noma ukuthi konke sekulahlekile.
Uthe abantu baseNingizimu Afrika bangabantu abaqinile futhi asebehambeni ibanga elide ekwakheni intando yeningi.
“Sesihambe ibanga elide kakhulu kule ndlela ukuthi singabuyela emuva. Ikusasa lezingane zethu liyigugu kakhulu ukuthi singalivumela linikelwe esibhamini,” kusho u Ntuli.
Uphinde wathi iKwaZulu-Natal iyazi kahle imiphumela yokungazinzi njengoba isike yabhekana nezikhathi ezinzima zodlame, yingakho kubalulekile ukuthi kugcinwe ukuthula ngesikhathi sokhetho.
Uthe i-IEC, uPhiko LwamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) kanye nabanye ababambiqhaza ababalulekile sebeveze ukuthi bazilungiselele ukhetho.
UNdunankulu uthe uhulumeni wesifundazwe nawo ukulungele ukweseka ukhetho olukhululekile nolungenzeleli, ikakhulukazi ngokusebenzisa Umnyango Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu ukuqinisekisa ukuthi izidingo ze-IEC ziyahlangabezana.
Uphinde waveza ukuthi izinhlaka zezokuphepha zizosebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuphepha nokuzinza ezindaweni lapho kuzobe kubanjwe khona ukhetho.
Uthe usevele waxhumana nalezi zinhlaka, wathi ulindele ukuthi zibambe iqhaza elibalulekile ekuqinisekiseni ukuthula nokuzinza KwaZulu-Natal ngesikhathi sokhetho.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


