Kuzohlonishwa isihlabane somculo kamaskandi esiphinde sibe ngesokuqala esaba sezingeni lokucula nabanye abaculi phesheya sacula Jazz kanye nehip-hop. UMfiliseni “Mqabulasheshe” Magubane ongowokuzalwa eMashushu, eNgudwini Eshowe kodwa manje ozinze KwaMaphumulo, uzohlonishwa abahleli bomcimbi i-Eshowe Maskandi Music Festival (EMMF) mhla ziyi-10 kuMfumfu, Eshowe Sport Club.
UMnuz Sibongiseni “Dlulasiyageza” Mahaye ongomunye wabahleli balomcimbi uthe bakubone kubalulekile ukuthi bamhloniphe esaphila kulomcimbi ngenxa yamagalelo akhe emculweni kamaskandi. “Ngithole ithuba eliyingqayizivele lokuhlala phansi ngixoxe nayo le ngqalabutho. U Mqabulasheshe kufanele engabe uhlonishwa iNingizimu Afrika yonke ngoba uwusebenzele kakhulu umculo kamaskandi waphinde wawubeka ebalazweni kumazwe aphesheya kwezilwandle. UMqabulasheshe ungumculi wokuqala kamaskandi ukuya phesheya kwezilwandle afike aphefome bukhoma nabaculi beJazz, eMelika,” kusho uMahaye.
UMqabulasheshe unama-albhamu angaphezu kwama-20 iningi lezingoma zakhe bezigxila kakhulu kwezothando, ukuqhakambisa indawo yase EShowe enezintaba ezinamagama njengabantu, okwenzeka ezweni njalo njalo. Amathikithi alendumezulu yomcimbi ayatholakala, Shoprite, USave, Checkers kanye naseHyper. Igeneral iwu-R100, iVIP R500, ukungena necooler box u-R150
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


