Lisahamba Phambili ITheku Kwezokuvakasha

Date:

Umasipala weTheku usezinhlelweni zokuqinisa ukusebenza kwezomnotho kwe-uShaka Marine World kanye ne-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (Durban ICC).
Lezi zikhungo zombili zibalulekile ekuthuthukiseni ezokuvakasha, ukuheha abatshalizimali kanye nokwakha amathuba emisebenzi eThekwini.
Usodolobha, uMusa Mbhele, ubambe umhlangano wamasu ngoLwesithathu, nowawuhanjelwe ngabaholi abaphezulu beDurban Marine Theme Park (DMTP), ephethe i-uShaka Marine World, kanye neDurban ICC. Lo mhlangano ubuhlose ukusheshisa ukuxazululwa kwezindaba ezisalindile mayelana nokusebenza kwalezi zikhungo, kanye nokuqinisekisa ukuthi zihambisana nezinhlelo zedolobha zokuthuthukisa umnotho nokuvuselela indawo ephakathi nedolobha.
I-uShaka Marine World neDurban ICC zitholakala endaweni ebalulekile ngasogwini lwaseThekwini futhi zixhumene ngqo nendawo ephakathi nedolobha.
I-uShaka Marine World iyingxenye ebalulekile yentuthuko yasePoint Waterfront futhi iheha izivakashi zakuleli nezakwamanye amazwe, ezisiza ukukhulisa amabhizinisi amahhotela, izindawo zokudlela kanye nezitolo.
I Durban ICC yona iqhubeka nokuqinisa isikhundla seTheku njengendawo ehamba phambili emkhakheni wemihlangano, izingqungquthela nemibukiso, okuyimboni enegalelo elikhulu ekusetshenzisweni kwemali yizivakashi nasekukhuleni komnotho wendawo.
Okunye obekuseqhulwini lomhlangano yiphrojekthi ehlongozwayo ye-World Trade Centre Durban (WTCD), ehlose ukusungula indawo yamahhovisi ezosiza ukuheha ezohwebo lwamazwe omhlaba, amabhizinisi kanye nokutshalwa kwezimali eThekwini.
Umhlangano uphinde wabheka isiphakamiso sokuthengwa kwebhilidi iSmart Xchange ukuze lisetshenziswe yi-WTCD, kanye nesiphakamiso sokuvalwa kweWalnut Road ngenhloso yokwakha indawo edidiyelwe.
Lezi ziphakamiso zisadinga ukugunyazwa ngokulandela izinqubo zikamasipala, okubandakanya ukubamba iqhaza komphakathi. Umasipala uthi lezi zinyathelo zihlose ukuvikela izimpahla zedolobha kwezokuvakasha nokwenza lezi zikhungo zikwazi ukufeza izibopho zazo ngendlela efanele. Lezi zinhlelo ziyingxenye yomzamo obanzi kamasipala wokuvuselela indawo ephakathi nedolobha, ukuze ibe yindawo ehehayo, ekwazi ukuncintisana futhi evulele izakhamuzi amathuba okukhula komnotho nemisebenzi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

ITheku Likulungele ukwamukela izinkumbi zabalandeli bePirates Ne Sundowns

Sekubhekwe ngabomvu umdlalo wamanqamu weMTN8 ka-2026 ozohlanganisa i-Orlando Pirates...

ITheku Ligqamisa Umfumfu Njengenyanga Yomnotho

U Meya womkhandlu weTheku, uCyril Xaba, wethule ngokusemthethweni uhlelo...

Pick n Pay Wine & Food Festival Finds a New Home at Sugar Rush Park

Wine, food, live music and a relaxed spring atmosphere...

Pink Table Durban Celebrates Friendship and Sisterhood

The countdown is on, and the pink carpet is...