ITheku Likulungele ukwamukela izinkumbi zabalandeli bePirates Ne Sundowns

Date:

Sekubhekwe ngabomvu umdlalo wamanqamu weMTN8 ka-2026 ozohlanganisa i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, njengoba iMoses Mabhida Stadium isizolungiselela ukwamukela izinkumbi zabalandeli bebhola ezizobe ziqhamuka kuzo zonke izingxenye zezwe.

Lo mdlalo uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, mhlaka-10 kuMfumfu 2026, kanti iMeya yeTheku, uCyril Xaba, isamukele isinqumo sePremier Soccer League (PSL) sokuthi le nkundla ibe yikhaya lalo mdlalo omkhulu.

UMeya uXaba uthe ukukhethwa kweMoses Mabhida Stadium kukhombisa umlando wale nkundla ekusingatheni imidlalo emikhulu, nokuthi lokhu kuqhubeka nokuqinisa isithunzi seTheku njengendawo ekwazi ukusingatha imicimbi emikhulu yezemidlalo.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba eMoses Mabhida Stadium, uXaba uthe uMasipala weTheku usukulungele ukusingatha lo mdlalo.

“UMasipala usukulungele ukusingatha owamanqamu weMTN8 ka-2026 eMoses Mabhida Stadium. Sisebenza ngokubambisana nePSL, abaphathi benkundla, abomthetho, abezimo eziphuthumayo kanye nabanye ababambiqhaza ukuqinisekisa ukuthi zonke izinhlelo ezidingekayo zikhona ngosuku lomdlalo,” kusho uXaba.

Uthe ukufika kwabalandeli nezivakashi eThekwini kuzovula amathuba emisebenzi nokwenza imali kumabhizinisi amancane, abathengisi, ama-SMME, izindawo zokulala, izinkampani zezokuthutha kanye nabasebenza kwezobuciko.

Uphinde wathi lo mdlalo uzonikeza izivakashi ithuba lokubona ubuhle beTheku, okuhlanganisa amabhishi, izindawo zokudlela, izindawo zokungcebeleka kanye nezinye izindawo eziheha izivakashi.

“IMoses Mabhida Stadium akusiyo nje inkundla yezemidlalo. Iwuphawu oluyingxenye yobuwena beDolobha futhi iyindawo eqhubeka nokuheha imicimbi emikhulu yezemidlalo eThekwini. Sibheke ngabomvu kowamanqamu ojabulisayo mhla ziyi-10 kuMfumfu futhi silindele ukwamukela abalandeli bebhola eDolobheni lethu,” kusho uXaba.

UMeya unxuse abalandeli abazohambela lo mdlalo ukuthi bahlele uhambo lwabo kusenesikhathi, basebenzise izithuthi zomphakathi uma kungenzeka futhi balandele imiyalelo yezikhulu ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabo kanye nokuhamba kahle kosuku lomdlalo.

UMasipala uthe uyaqhubeka nokusebenzisana nePSL, abaphathi beMoses Mabhida Stadium, abomthetho, abezimo eziphuthumayo kanye nabanye ababambiqhaza ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinhlelo zokuphepha nezokusebenza zilungele ukwamukela inqwaba yabalandeli nezivakashi okulindeleke ukuba zize eThekwini.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Lisahamba Phambili ITheku Kwezokuvakasha

Umasipala weTheku usezinhlelweni zokuqinisa ukusebenza kwezomnotho kwe-uShaka Marine World...

ITheku Ligqamisa Umfumfu Njengenyanga Yomnotho

U Meya womkhandlu weTheku, uCyril Xaba, wethule ngokusemthethweni uhlelo...

Pick n Pay Wine & Food Festival Finds a New Home at Sugar Rush Park

Wine, food, live music and a relaxed spring atmosphere...

Pink Table Durban Celebrates Friendship and Sisterhood

The countdown is on, and the pink carpet is...