Kucijwe Osomabhizini Kumasipala WeTheku

Date:

Bahlomule ngohlelo lokuqeqeshwa osomabhizinisi abasemkhakheni wezamaciko namasiko kumasipala ITheku. Loluqeqesho belibanjelwe e Music House ngenhloso yokuhlomisa osomabhizinisi ngolwazi lokuba yinxenye yokuthola umhlomulo wesibonelelo kosomabhizinisi. Kuloluqeqesho kuxwayiswe osomabhizinisi ukuba baqaphela izimfanelo zebhizinisi uma befaka isicelo soxhaso mali kumkhandlu.

Lesi sexwayiso sivele ngesikhathi uMnu. Simon Ntuli ovela kumkhandlu wakwamasipala enikeza ukuqeqeshwa kwabamele izinhlangano ezisebenza kwezobuciko namasiko.

UNtuli uthe enye yezinselelo abahlangabezana nazo ukuthi abanye abafaka izicelo bahambisa amafomu ngaphandle kwezincukaca ezibalulekile.

Uthe kwesinye isikhathi abantu bahambisa izicelo ngaphandle kwama-ID, amakhophi aqinisekisiwe noma bahambise amadokhumenti asephelelwe yisikhathi.

Lokhu, uthe, kungadala izinkinga ngesikhathi kuhlolwa izicelo ngoba imibhalo edingekayo kufanele ihambisane nesicelo. “Abanye abantu bayasifaka isicelo kodwa uma usibheka uthole ukuthi ayikho i-ID, awekho amakhophi aqinisekisiwe noma amanye amadokhumenti asewuphelelwe yisikhathi,” kusho uNtuli. Uthe abafaka izicelo kufanele baqale baqinisekise ukuthi banawo wonke amadokhumenti adingekayo ngaphambi kokuba bahambise amafomu.

“Into ebalulekile ukuthi umuntu uma ethatha ifomu kumele azi ukuthi yini edingekayo. Ungagcini ngokugcwalisa ifomu kuphela kodwa kufanele uqinisekise ukuthi nawo wonke amaphepha ahambisana nalo,” kusho yena.

UNtuli uphinde wakhononda ngezicelo ezilethwa yizinkampani noma izinhlangano ezingahlangabezani nemibandela yokufaneleka.

Uthe abafaka izicelo kufanele baqale bafunde futhi baqonde izidingo ngaphambi kokuba baqale inqubo yokufaka isicelo. “Uma ungahambisani nemibandela, akusizi ukuthi ufake isicelo ngoba ekugcineni uzothola ukuthi awufaneleki,” kusho uNtuli.

Uphinde wakhuthaza izinhlangano ukuba zigcine imibhalo yazo isesimweni, ikakhulukazi amadokhumenti abalulekile adingeka uma kufakwa izicelo zoxhaso. Ukuqeqeshwa kukaNtuli kuhlose ukusiza ama-NPO nama-NCP ukuba aqonde ukuthi kufanele afake kanjani izicelo, ubani ofanelekayo nokuthi yimaphi amadokhumenti okufanele ahambisane nesicelo.

U Ntuli uthe ukuqonda kahle le nqubo kungasiza izinhlangano ukuba zigweme amaphutha ajwayele ukwenzeka ngesikhathi kufakwa izicelo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

ITheku Likulungele ukwamukela izinkumbi zabalandeli bePirates Ne Sundowns

Sekubhekwe ngabomvu umdlalo wamanqamu weMTN8 ka-2026 ozohlanganisa i-Orlando Pirates...

Lisahamba Phambili ITheku Kwezokuvakasha

Umasipala weTheku usezinhlelweni zokuqinisa ukusebenza kwezomnotho kwe-uShaka Marine World...

ITheku Ligqamisa Umfumfu Njengenyanga Yomnotho

U Meya womkhandlu weTheku, uCyril Xaba, wethule ngokusemthethweni uhlelo...

Pick n Pay Wine & Food Festival Finds a New Home at Sugar Rush Park

Wine, food, live music and a relaxed spring atmosphere...