U Meya womkhandlu we ITheku, uKhansela Cyril Xaba, uthe uMasipala weTheku uyaqhubeka nokwenza izinguquko ezimqoka ekuthuthukiseni ukutholakala kwamanzi, ezindlu, ugesi kanye nokukhulisa umnotho wedolobha.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva komhlangano woMkhandlu, uXaba uthe iminyaka ka-2021 kuya ku-2026 ibe phakathi kweminyaka enzima kakhulu emlandweni weTheku ngenxa yezinselelo ezifana nodlame lwango Ntulikazi 2021 kanye nezikhukhula ezinkulu zango-Mbasa 2022, ezadala umonakalo omkhulu kwingqalasizinda yamanzi, ezokuthuthwa kwendle, imigwaqo, amabhuloho nogesi.
UMkhandlu ugunyaze iphrojekthi engu-R1.2 billion yokuthuthukisa iSouthern Aqueduct, okulindeleke ukuthi iqinise ukutholakala kwamanzi kubantu abangaphezu kuka-1.2 million eMlazi, eFolweni, eNsimbini, eChatsworth, eKlaarwater, eNorthdene naseMalvern. Izingxenye ezimbili kwezintathu zephrojekthi sezifeziwe kanti ezinye kulindeleke ukuthi ziphothulwe ngaphambi kokuphela konyaka. Umasipala uphinde wasebenzisana noMngeni-uThukela Water ekwakhiweni kweLower uMkhomazi Bulk Water Scheme ebiza u-R11 billion, ezohlinzeka iTheku ngamalitha ayizigidi ezingama-70 amanzi. Le phrojekthi kulindeleke ukuthi iqedwe ngo-2029 futhi izosiza kakhulu izindawo eziseningizimu yeTheku.
“Mayelana nokunciphisa ukuchitheka nokulahleka kwamanzi, uMasipala usuqale izinhlelo ezahlukene ezihlanganisa ukulungiswa kwamapayipi avuzayo, ukufakwa kwamamitha amasha kanye nokuqashwa kwabanye abasebenzi abazobhekana nokulungiswa kwamapayipi aqhumayo. UMasipala ubeke imali engu-R100 million yokushintsha amapayipi amadala, umsebenzi osuqalile ePhoenix, oThongathi naseVerulam”. Kusho u Xaba.
Kwezokuthuthwa kwendle, uMkhandlu ugunyaze izinhlelo ezintathu ezibalulekile ezibiza u-R791 million, okuhlanganisa ukulungiswa kweMahatma Gandhi Pump Station kanye nemisebenzi ephuthumayo eCentral Wastewater Treatment Works. UMkhandlu uphinde wagunyaza ukwakhiwa kwezikhundla ezingu-85 zabasebenzi abazovikela ingqalasizinda kaMasipala, kusukela mhla lu-1 kuZibandlela 2026. Lokhu kuhloswe ngakho ukulwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda, ukwebiwa kanye nokuhlala ngokungemthetho.
Kwezomnotho u Xaba uthe uMkhandlu ugunyaze izaphulelo zentela yezakhiwo kumaphrojekthi amasha amahlanu anenani lokutshala imali elilinganiselwa ku-R1.97 billion. Lokhu kuhloswe ngakho ukuheha abatshalizimali nokudala amathuba emisebenzi. UMkhandlu uphinde wagunyaza uhlelo olusha lokwakhiwa kwezindlu ezisezindaweni ezinezitezi eziningi, oluzohlinzeka ngezindlu ezingabizi kakhulu ezakhiweni eziphakathi kwezitezi ezintathu nezilishumi.
UXaba uqhube wathi umsebenzi wokwakha kabusha iTheku awukapheli, kodwa intuthuko eseyenziwe ikhombisa ukuthi idolobha liyaqhubeka nokubhekana nezinselelo nokwakha ikusasa elizinzile.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


