Ukhuza Ibuya Umjaho Wamadoda Olwisana Nesihlava Sokubulawa Kwabesifazane Nokuhlukunyezwa

Date:

Kwethulwe ngokusemthethweni umjaho wamadoda iSA Men’s Run ozokuba mhlaka 06 ku Ntulikazi ngenhloso yokukhuthaza amadoda ukuthi anakekele impilo yawo, ukuqina komzimba kanye nempilo yengqondo, nokukhohlwa zinkinga zemndeni.

Kulomcimbi bekukhona abaxhasi abahlukene okubalwa kubo u Mandla Mngomezulu we-Excel Athletic, uCraig wenhlangano engenzinzunzo I Father Matter kanye nomsunguli weSA Men’s Run uBig Mic, abagcizelele ukubaluleka kokuthi amadoda abambisane ekwakheni imiphakathi engcono futhi aphile impilo enempilo.

Ekhuluma kulo mcimbi umsunguli we SA MEN RUN uBig Mic Nzimande uthe lo mjaho awugcini ngokugijima kuphela kodwa uhlose nokwakha indawo lapho amadoda ezokwazi khona ukukhuthazana, ukwesekana kanye nokudingida izinselelo ezibhekene nemiphakathi. “Asizukugcina ngokugijima kepha sophinda sibe nezinxoxo lokho kusho ukukhula ngoba inhloso ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane behlukunyezwa amadoda, ukuba yinxenye yalomjaho kufana nokupholisa ikhanda.” Kusho u Nzimande.

UMngomezulu we-Excel Athletic ukhuthaze intsha kanye nomphakathi ukuthi ibambe iqhaza kwezemidlalo, wathi ezemidlalo zisiza ekugwemeni ubugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa. “ siyaqinisekisa nje nge Excel Athletic siyaqinisekisa nathi ukuthi sizoba yinxenye ye SA MENS RUN siyayeseka kakhulu sinazo izinhlelo zangaphakathi eqenjini ezilwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane.” Kusho u Mngomezulu.

UCraig  Bouchier wenhlangano engenzinzunzo  iFather Matter ugcizelele ukubaluleka kobaba emakhaya nokuba yizibonelo ezinhle emphakathini, wathi imicimbi efana neMen’s Run iyakwazi ukuqinisa ubudlelwano emindenini nasemiphakathini.

Abahleli balo mjaho bathe kulindeleke ukuthi ube yimpumelelo njengoba kuzobe kuhlangene abantu abavela ezindaweni ezahlukene ukuzokweseka lolu hlelo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuzothuthukiswa Ezobuchwepheshe Ekukhishweni Kwezitifiketi Zezikweletu Kumasipala

UMasipala waseThekwini usuzokwethula uhlelo olusha olubizwa ngeRevenue Clearance System...

McDonald’s Offers Customers The Opportunity To Enjoy Special FIFA World Cup Meals

As anticipation builds for the FIFA World Cup 2026,...

Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba...

Babe Ngomanqoba Abe Two For Joy FC Kowe Khabba Cup

Iqembu iTwo For Joy FC linqobe iKhabba Cup ka-2026...