Bagasele Ebhilidini Elihlala Abokufika Abaholi Be March And March

Date:

I lokhu iqhubeke njalo inhlangano March And March nemizamo yokuveza uhlangothi labokufika ngokusolakal ngokudayiswa kwezidakamizwa namaphepha okugunyaza imvume yokuhla e Ningizimu Africa. Ngemuva kwemizamo eminingi yokufinyelela endaweni, ababhikishi bomkhankaso we-“March and March” bagcine befike ePoint, eDurban, .

Lo mkhankaso uholwa ngabaholi okubalwa kubo unontandakubukwa Ngizwe Mchunu, I butho lakwa Nongoma Phakelumthakathi kanye no Jacinta Ngobese. Umbhikisho onokuthula uqale eKing Dinuzulu Park, waphelela e Phoyinti UNgizwe Mchunu uthe lo mbhikisho umayelana nokukhathazeka kwabantu ngezinkinga zobugebengu ezithinta imiphakathi ezidalwa ngabokufika.

“Sikhathazekile ngesimo sobugebengu emiphakathini yethu. Lo mbhikisho uwukuzwakalisa izwi labantu abafuna ushintsho,” kusho u Mchunu.

Abanye abahlanganyeli balo abangathandanga ukuzidalula bathe lomkhankaso nabo  bafuna ukubonakala kwezinguquko ezisheshayo ezindabeni zokuphepha emphakathini, bethi sebephila ngokwesaba ezindaweni ezithile zedolobha.

Umntwana Ingobamakhosi wakwa Ntombela ukhale ngencindezi kubaholi ukuvuna abokufika kulelizwe lase Ningizimi Arica.

“Asilwi nabo kodwa sithi abahambe impela bangabafowethu kodwa abaye emazweni akubo.”

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...