I-MEDEQUIP INIKELELE UMFUNDI WEZOKWELAPHA AMEHLO E-UKZN NGEZINSIZA EZIBALULEKILE

Date:

Umfundi wonyaka wokuqala wezifundo ze-Optometry eNyuvesi yase-KwaZulu-Natal (UKZN), uNksz Vutlhari Sithole, uzuze kakhulu emaphusheni akhe okuba nguch wepheshe kwezempilo ngenxa yesipho senhlangano yezinsiza zokwelapha i-Medequip. Lesi sipho siyingxenye ye-Medequip Keeler Bursary, umfundaze ohlonishwayo onikezwa minyaka yonke umfundi oyedwa emanyuvesi amane aseNingizimu Afrika lolu hlelo lwe-Optometry. Umfundaze uhlanganisa amathuluzi abalulekile okufunda nokuzi jwayeza, okuhlanganisa i-trial case, i-trial frame, i-retinoscope ne-ophthalmoscope set, kanye namachati okuhlola amehlo okuy izinsiza eziyisisekelo zokufunda amakhono okuxilonga.

USithole wakhethwa ngenxa yokuzimisela kwakhe nokuzibophezela ekunakekeleni impilo yamehlo, ikakhulukazi ezindaweni ezingenazo izinsiza. “Lapho ngithola lezi zindaba, ngazizwa ngikhululekile kakhulu futhi ngigcwele uku bonga.

Bengikhathazekile ngokuthi ngizokwazi kanjani ukuthola lezi zinsiza. Manje lokhu kungivumela ukuthi ngibambe iqhaza ngokuphelele ezifundweni zami zokuzi jwayeza, ngithuthukise amakhono ami futhi ngenze kahle ezifundweni zami,” kusho yena. Uphinde waveza umbono wakhe wesikhathi eside wokusebenzela umphakathi wakhe.

“Abantu abaningi emakhaya kababeki phambili impilo yamehlo. Ngifuna ukuku guqula lokho ngokufundisa, ngokuhlola mahhala kanye nokufinyelela emphakathini. Lo mfundaze unginike ukuzethemba futhi wangikhombisa ukuthi amaphupho ami ayafezeka.” UDkt Naimah Ebrahim Khan, umholi we-Discipline of Optom etry e-UKZN, ugcizelele ukubaluleka kwalolu sizo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...