SISEKUNDLENI YAMACIKO NO LEROY KHUMALO

Date:

Kulengosi Sihlale phansi saxoxa kancane noSabelo Leroy Khumalo ngohambo lwakhe oluyisikhumbuzo sokuthi akuwona wonke amaqhawe abamba imakrofoni abanye bakhanya kakhulu besebenza ngemuva emdimeni yomculo. Kuloba:- uKHWEZI NGCOBO.

Ungazichaza kancane, ubani igama lakho futhi uvela kuphi? Igama lami uSabelo Leroy Khumalo ngisuka khona nje la Kwa Mashu, umfana wase lokshini nje.

Waqala nini ukudlala izigubhu, futhi kwen zeka kanjani? Ekhaya sikhule sa bantu aba khonzayo, es ontweni beku dlalwa ama keyboard ngavele ngayibuka ngayi thanda lento aba yenzayo. Lapho ngangina 11-12 kanje.

Yini eyakwenza wathanda izigubhu? Njengoba bengishilo ekuqaleni, ukubona idlal wa esontweni into eyangenza ngiyithande.

Uke wabhekana nezithiyo noma ubunzima eku landeleni lo msebenzi? Yebo kakhulu, Ngomunye uNyaka angenzanga kahle eskoleni ngenxa yazo izigubhu lezi, kwaku mele ngi khethe ukuthi ngizo funda noma ngizo dlala insimbi. Yisiphi isikhathi noma umcimbi ongasoze sawukhohlwa njengomgubhuzi? Yazi ziningi zona iyigaba engeke ngizi khohl wa ngoku dlala iyigubhu, kodwa ngiqamelwa ileli thuba engalithola loku dlala no Nqubeko Mbatha! Hhayi lelo kimi liyi nqopha mlando. Umculo wakho ungawuchaza kanjani kumuntu ongakaze akuve edlala? Umculo wokholo othanddekayo kanye ne Jazz ne-pop.

Uke wasebenzisana nobani abadumile noma amaqembu ahlukahlukene? Ngike ngasebenza no Nqubeko Mbatha, Hlengi we Mhlaba, RJ Benjamin, Sjava eyi baningi. Yini ekugcina ushisa izikhotha uqhubeka nokudlala? Uku thanda umculo noku lalela kakhulu.

Kukhona yini amaphupho noma izinhlelo ezinkulu ozifisela wona ngomsebenzi wakho? Yebo ngifisa ukuthi igama lami lizi khulumele mengi ngena endaweni ngingakasho lutho.

Yini ongayeluleka ngayo abasha abafuna ukuba ngabagubhuzi? Kubalulekile ukuthand into oyenzayo mese futhi uzi nika iskhathi sokuthi uyi practise ibe kuwe na ukuze kuzo gqama ukuthi cha uyayithanda lento oyenzayo futhi uzimisele ngayo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...