ITheku liyaqhubeka nokuzibeka phambili emkhakheni wezokuvakasha eNingizimu Afrika kulandela ukwethulwa ngokusemthethweni kwenyanga yezokuvakasha ka-2026 ,ethulwe nguNgqongqoshe wezokuVakasha uPatricia De Lille.
I nyanga yezokuvakasha iqala mhlaka 01 kuMandulo uphele ngosuku Lomhlaba Lwezokuvakasha mhla zingama-27 kuMandulo, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Growing South Africa’s Tourism Sector in the Digital Era”, esigxile ekukhuliseni ezokuvakasha ngesikhathi sobuchwepheshe bedijithali.
I Theku, laziwa njengendawo ehamba phambili eNingizimu Afrika, ngokuhezivakashi, izithunywa kanye nabatshalizimali ngenxa yemicimbi emikhulu, izingqungquthela, amabhizinisi kanye nezindawo ezahlukene eziheha izivakashi.
Ukwethulwa kwalo nyaka kuza ngesikhathi esibalulekile njengoba iTheku libambe iNgqungquthela yesi-46 ejwayelekile yezinhloko zamazwe nohulumeni be-SADC mhla ziyi-16 no-17 Agasti. INingizimu Afrika iphinde yathatha isikhundla sokuba uSihlalo we-SADC ngesikhathi sika-2026/27.
Njengengxenye yohlelo lweDestination Durban, izithunywa ze-SADC zivakashele iKwaMuhle Museum, ngaphambi kokudlulela eMlazi lapho zamukelwe khona eMax’s Lifestyle Village. Lokhu kubanikeze ithuba lokuzwa umlando, amasiko kanye nempilo yaselokishini.
NgokweStatistics South Africa, iTheku libe nezinga eliphansi lokungasebenzi phakathi komasipala abakhulu abayisishiyagalombili, elingu-21.2% ngekota yesibili ka-2026. Balinganiselwa ku-1.29 million abantu abebeqashiwe, okuyisibalo esikhuphuke ngabangu-90 000 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
u De Lille ugcizelele ukubaluleka kwezokuvakasha e Ningizimu.” Abantu kumele bathathe ithuba bevakashele ezinye izifundazwe ukuthola amagugu namasiko angaziwa kuyomele sonke sihambele isifundazwe sa Limpompo sifunde ngamasiko abo”. kusho u De Lille.
USihlalo weKomidi lezoThuthukiswa koMnotho nokuHlelwa kuMasipala weTheku, uKhansela Thembo Ntuli, uthe idolobha libhekene nesasasa kwezokuvakasha nakwezamabhizinisi.
“IDurban ikhombisa ukuthi ingaphezu kwendawo yokungcebeleka. Yidolobha lapho kuhlangana khona ezamabhizinisi, amasiko, ezokuvakasha kanye nokutshalwa kwezimali,” kusho uNtuli.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


