kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

Date:

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, uDavid Mahlobo, bavula ngokusemthethweni i-Ogunjini Water Treatment Plant e-Osindisweni, Ubuholi buphinde bahlola ukuqhubeka kwephrojekthi yeSouthern Aqueduct Upgrade eChatsworth.Iphrojekthi yeSouthern Aqueduct ebiza u-R1.2 billion ihlanganisa ukwakhiwa kwepayipi lamanzi elingamakhilomitha angu-24, okulindeleke ukuthi liqinise ukuhlinzekwa kwamanzi ezindaweni eziseningizimu yeTheku okubalwa kuzo KwaMakhutha Adams kanye nase Umlazi. I-Ogunjini Water Treatment Plant ebize u-R72 million umthamo wamandla okukhiqiza amanzi asuka ku-megalitre elilodwa aya kwamathathu ngosuku, okuzohlomulisa imizi elinganiselwa ku-3 000 kanye neSibhedlela sase-Osindisweni.

Ekhuluma emcimbini, uXaba uthe uMasipala uyaqhubeka nokutshala imali ekuthuthukiseni ingqalasizinda yamanzi ukuze kuqinisekiswe ukuthi izakhamuzi zithola amanzi ngendlela ezinzile.“Amaloli amanzi asehoxisiwe ezindaweni ezingu-66 ngenxa yokuthi ukuhlinzekwa kwamanzi sekuzinzile. Sizoqhubeka nokutshala imali ekwakheni nasekulungiseni ingqalasizinda ukuze abantu bathole izinsiza ezisimeme,” kusho uXaba.USekela likaNgqongqoshe uDavid Mahlobo uthe ukubambisana phakathi koMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle noMasipala waseThekwini kubalulekile ekuletheni amanzi ahlanzekile emphakathini nokuthuthukisa impilo yabantu. U Nkosiyezwe Mhlongo oyikhansela lendawo uthi umphakathi awusezukweswela kakhulu amanzi.

“Bese kuneminyaka engaphezulu kuka 15 umphakathi uthola amanzi ayimbijana obekwenza lokho bekuyisibhedlela, isibhedlela sidinga umthamo omningi wamanzi okudala ukuthi iphampu ihluleke ukuhambisa amanzi ngendlela emphakathi. Sijabule kakhulu ukubona intuthuko yamanzi kwi wadi yakwa 59”. Kusho u Mhlongo. Okunye akubalulile ukuguga kwenqalasizinda yikho okwenza amanzi engafiki emphakathi neminye imizi ikhande phezu kwamapayipi. Le mikhankaso iyingxenye yohlelo lukaMasipala waseThekwini lokuqinisa ingqalasizinda yamanzi nokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwamanzi ezindaweni ezahlukene zedolobha.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...

Ukhale Wamuka Nomngani Oxoshwe ngomlayezo ka  Whattapp

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal yamukele amakhansela amabili aseThekwini...