Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani Zungu, oshayiswe iloli elithwala amanzi ngoMsombuluko, akumele kuphele kungabanga khona ubulungiswa nokulandelwa kwezinqumo zokuhlinzekwa kwamanzi emphakathini.
Ogaqele esokuba u Meya we DA eThekwini, uHaniff Hoosen, ehambisana noMholi weDA KwaZulu-Natal, uSithembiso Ngema, uvakashele umndeni wakwaZungu e-Adams Mission ngoLwesibili ukuyodlulisa amazwi enduduzo.
UHoosen uthe ukwamukelwa ngumndeni yize usosizini kukhombisa amandla awo ngesikhathi ulahlekelwe yindodana nomfowabo ebemthanda.
Uthe ukufa kukaZungu akumele kubhekwe njengengozi nje kuphela, kodwa kuwumphumela wokwehluleka kukaMasipala waseThekwini ukuhlinzeka umphakathi ngamanzi ahlanzekile ngendlela eqhubekayo.
“UCelani uzokhunjulwa njengomuntu oshone elwela ukuthi umphakathi wakubo uthole amanzi nezinsiza ezifanele. Ukufa kwakhe akumele kube yize,” kusho uHoosen.
Uthe iDA izoqhubeka nokufuna ukuthi kube khona ubulungiswa emndenini wakwaZungu kanye nokuthi bonke abahlali baseThekwini bathole izinsiza eziyisisekelo ngendlela efanele.
NgokukaHoosen, umndeni umtshele ukuthi ukuhlinzekwa kwamanzi kubuyiselwe emphakathini kungakapheli usuku ngemuva kwalesi sigameko, nangaphambi kokufika kweMeya yaseThekwini nezithunywa zakhe.
“Kusobala ukuthi amanzi ayavalwa ngamabomu kule ndawo ngoba akuthathanga sikhathi ukuthi amanzi aphinde ageleze emapayipini omphakathi. Abantu base-Adams Mission akufanele balahlekelwe impilo yomunye wabo ngaphambi kokuba uMasipala uphendule izikhalo zabo,” usho kanje.
Uphinde wagcizelela ukuthi ukutholakala kwamanzi ahlanzekile kuyilungelo elivikelwe uMthethosisekelo, hhayi ilungelo elinikezwa kuphela uma sekube nenhlekelele.
UHoosen uthe iDA izoqhubeka nokulwela iTheku lapho zonke izakhamuzi zizothola izinsiza ezithembekile, ziphathwe ngesithunzi, futhi kungabi bikho omunye umndeni obhekana nobuhlungu obufana nobubhekene nomndeni wakwaZungu.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


