Lizibona Linqoba ITheku Iqembu Le Democratics Aliance.

Date:

Iqembu i-Democratic Alliance (DA) libambe umhlangano womphakathi eShallcross, njengengxenye yomikhankaso walo wokhetho luka 2026 lohulumeni baseKhaya oluzayo.

Umhlangano ububanjelwe eShallcross Community Hall, lapho bekukhona khona ogaqele esobumeya i-DA ku mkhandlu WeTheku, uHanif Hoosen, kanye nowayengumholi we-DA, uJohn Steenhuisen.

Lo mhlangano ububhekiswe emkhankasweni we-DA kanye nezinhlelo zayo ngeTheku, iqembu lisebenzisa leli thuba ukuxhumana nezakhamuzi ngezinkinga ezithinta imiphakathi ehlukene ngaphakathi kukaMasipala weTheku.

Okunye okugcizelelwe yi-DA kube uhlelo lwamanzi lweTheku (eThekwini Water Plan), ukutholakala kwamanzi ngendlela kusalokhu kungumqansa kwizakhamuzi eziningi ngaphakathi kukaMasipala weTheku.

Usihlalo wesifundazwe uDean Macpherson utshele izakhamizi ukuthi i-DA ikholelwa ekutheni inethuba lokuwina amawadi asendaweni yaseChatsworth, futhi ekugcineni ithathe izintambo zokuphatha uMasipala weTheku.

“Amaqembu amaningi agijima njengezinkukhu ezinqunywe amakhanda kulolu khetho, nginethemba lokuthi e iChatsworth ingezinye zezindawo esizoziwina namanye amawadi amaningi.” kusho u Dean.

Lo mhlangano uphinde wanikeza izakhamuzi kanye nabaseka I-DA eShallcross nasezindaweni ezakhelene nayo ithuba lokulalela ngqo kubaholi beqembu kanye nalowo ogaqele esokuba nguMeya mayelana nombono we-DA ngekusasa leTheku.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bafolosa Ngamakhansela Aneminyaka Esukela Kumashumi Amabili

 Inkatha Freedom Party (IFP) ithi izimisele ukwakha omasipala abasebenza...

Amaphoyisa Asesiteshini SakwaMashu Athungatha Abasolwa Kwelokubulala

Amaphoyisa asesiteshini saKwaMashu akhiphe isitatimende acela usizo emphakathini ekutholeni...

Bekushiyana Ukwenza Kwinqephu Ka 2026

Indawo I-Durban Exhibition Centre iguquke yaba yindawo yokubukisa ngamasiko,...

Kulindeleke Nabasiki Benqephu Kwi Secret Garden

U Thandeka Nontobeko Ngema owaziwa ngelika Mawhoo, usememezele ngokusemthethweni...