Umkhakha wezokuvakasha eThekwini uyaqhubeka nokukhombisa ukuqina, njengoba ezokuvakasha zasekhaya zisaqhubeka nokuba yinsika enkulu ekukhuleni komkhakha, kanti ezokuvakasha zakwamanye amazwe nazo zikhombisa izimpawu ezinhle zokululama yize umnotho womhlaba usabhekene nezingcindezi. Lokhu kuvele emhlanganweni wePresidential eThekwini Working Group (PeWG) Workstream 4 obubanjwe eMhlanga , lapho ababambiqhaza bebebheka khona izibalo zakamuva zomkhakha wezokuvakasha kanye namasu okuqinisa umnotho wezivakashi kule ndawo.
Ethula imininingwane yakamuva yezokuvakasha, oyinhloko yokuqoqa ulwazi Nhloko lwe Data Analytics kwaSouth African Tourism, uMelusi Mngomezulu, uthe ezokuvakasha zasekhaya zisahamba phambili ekufukuleni lo mkhakha. UMngomezulu uthe phakathi kukaJanuwari noMeyi 2026, eThekwini kuqoshwe cishe izigidi ezingu-1.8 zohambo lwezivakashi zakuleli, nokuchitheka kwemali okulinganiselwa ku-R14.5 billion.
“Yize imali esetshenzisiwe yehle uma iqhathaniswa nokusebenza okuvelele kuka-2025, isalokhu iphezulu ngo-38% uma iqhathaniswa namazinga ka-2024. Izindawo zokulala nezokudlela yizona ezikhombise ukukhula okuqinile. Ezokuvakasha zakwamanye amazwe zona ziqophe izivakashi ezingaba ngu-134 900, ezichithe imali engu-R416.2 million ngalesi sikhathi,” kusho uMngomezulu.
UMngomezulu uthe nakuba imali esetshenzisiwe isezingeni eliphansi uma iqhathaniswa no-2025, isidingo sezokuvakasha sisengaphezu kwamazinga ka-2024. Uthe lokhu kusekelwa izimakethe ezibalulekile okubalwa kuzo i-United Kingdom, i-United States, iMozambique, i-Australia kanye ne-United Arab Emirates.
Uphethe wathi kukhona nokukhula okukhuthazayo ezimakethe zase-Afrika okubalwa kuzo iZambia, iKenya kanye neTanzania.
Ongumqonisi kuMnyango wakwa-Economic Development and Planning, futhi onguSihlalo obambisene ne Workstream 4, uLihle Phewa, uthe lezi zibalo zikhombisa ngokusobala ukuthi iDurban isalokhu iyindawo eheha izivakashi. “Esigxile kukho manje akukhona nje ukwandisa isibalo sabavakashi, kodwa ukwakha amava azokwenza ukuthi izivakashi zihlale isikhathi eside, zisebenzise imali eningi futhi zibe negalelo elibonakalayo emabhizinisini endawo, emiphakathini nasekukhuleni komnotho. Ngokubambisana okuqhubekayo phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele, siyaqiniseka ukuthi ezokuvakasha zizoqhubeka nokukhula,” kusho uPhewa.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


