Osomabhizinisi BakwaMashu Bathole Ithuba Lokucotshelelwa Ngolwazi

Date:

Osomabhizinisi baselokishini laKwaMashu eThekwini bathole ithuba lokuthuthukisa ulwazi namakhono abo okuqhuba amabhizinisi ngesikhathi kunomcimbi wokufundisa osomabhizinisi kanye nomncintiswano wokwethulwa kwamabhizinisi.

Lomcimbi uhlelwe uPhiko lwezoThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku ngokubambisana neTownship Entrepreneurs Alliance (TEA), ngenhloso yokuhlomisa osomabhizinisi ngamakhono ebhizinisi, ulwazi ngamathuba oxhaso kanye nokubaxhumanisa nezinkampani ezinkulu.

Abanikazi bamabhizinisi bathole ithuba lokwethula imikhiqizo nemibono yabo phambi kongoti bezimboni, kanti abathathu abenze kahle kakhulu bathole imiklomelo yemali.

Umsunguli weNonkanyiso Funeral Services, uNkk Nonkanyiso Msomi, ubefundisa ngosizo lwe-masterclass egxile ekuphathweni kwezimali. UMsomi ugcizelele ukubaluleka kokwazi ukuthi imali ingena futhi iphume kanjani ebhizinisini, ukulandelela imali engenayo nokusebenzisa imininingwane ekwenzeni izinqumo ezizosiza ibhizinisi ukuthi likhule.

Lolu hlelo luyingxenye yemizamo kaMasipala weTheku yokusiza amabhizinisi aselokishini ukuthi akhule, aqine futhi akulungele ukuthola abatshalizimali.

I-TEA ihlose ukuxhumanisa osomabhizinisi abasafufusa namanethiwekhi ezinkampani ezinkulu ukuze amabhizinisi asezilokishini abe yingxenye yochungechunge olukhulu lokukhiqiza.

Oyisekela kwi-Agribusiness, Business Support and Markets, uMnu Vuyo Jayiya, uthe uMasipala unomsebenzi wokweseka izinhlelo ezihlose ukusiza amabhizinisi amancane ukuthi akhule futhi akwazi ukuthuthukisa indlela asebenza ngayo nsuku zonke.

Emncintiswaneni wokwethulwa kwamabhizinisi, uSekelo Shude, ongumsunguli weKuluhlaza Trading, uthathe indawo yokuqala wathola u-R30 000.

Indawo yesibili ithathwe nguWarren Mkhize, ongumsunguli weMycopro (Pty) Ltd, othole u-R15 000, kanti uSimo Makhathini, ongumsunguli weTOFO Tissu, uthathe indawo yesithathu wathola u-R10 000.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Umlingisi odumile ongowokudabuka eThekwini uZamani Mbatha uthi ayikho into...

U Ntuli Ukhuthaza Ukubekwa Phambili Kwezidingo Nqangi

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uthi ukusheshiswa kokulethwa kwezidingo kubantu...

U Masipala Uqhuba Uhlelo Lokuxhasa Osomabhizinisi Abasafufusa

Kwimizamo eqhubekayo yokweseka osomabhizinisi bendawo nokwenza kube lula ukusebenza...

Linyukile Izinga Kumkhakha Wezokuncebeleka E Thekwini

Umkhakha wezokuvakasha eThekwini uyaqhubeka nokukhombisa ukuqina, njengoba ezokuvakasha zasekhaya...