Kwimizamo eqhubekayo yokweseka osomabhizinisi bendawo nokwenza kube lula ukusebenza kwamabhizinisi, uMasipala weTheku ubambisene noMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi asafufusa babamba uhlelo lokufinyelela Kusomabhizinisi lukaNgqongqoshe eThekwini.
Loluhlelo beluholwa nguNgqongqoshe Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uStella Ndabeni, kanye noKhansela uThembo Ntuli, onguSihlalo weKomidi ledolobha LezokuThuthukiswa Komnotho nokuhlelwa.
Uhlelo belugxile ekususeni izithiyo ezibhekene namabhizinisi, ikakhulukazi izinkinga zemithetho nezinqubo ezinzima, ngokusebenzisa uhlelo lokwehliswa kwe Red Tape. Luphinde lwahlinzeka ngosizo lwezimali oluqondile kumabhizinisi anamandla okukhula.
UNgqongqoshe uNdabeni ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana phakathi kukahulumeni kazwelonke nohulumeni basekhaya ekwesekeni osomabhizinisi.
“Amabhizinisi amancane asemqoka emizamweni yethu yokwakha amathuba emisebenzi kanye nomnotho obandakanya wonke umuntu. Ngalezi zinhlelo, uhulumeni akagcini ngokuthola izithiyo ezibhekene nosomabhizinisi kuphela, kodwa ubeka nosizo olusebenzayo ukuze amabhizinisi akwazi ukukhiqiza kakhulu, ancintisane futhi azinze,” kusho uNdabeni.
Ngaphezu kokubhekana nezithiyo ezidalwa yimithetho nezinqubo, lolu hlelo luphinde lwaba nokwethulwa okukhulu kwemishini nezimpahla ezizosekela amabhizinisi endawo.
Ngaphansi kohlelo i-Assist Programme, amabhizinisi asafufusa, amabhizisnisi amancane kakhulu kanye naphakathi angu-31 athole imishini yokusebenza enenani elingu-R6.3 million.
UKhansela uThembo Ntuli uphinde wagcizelela ukuzibophezela kukaMasipala ekwakheni indawo evumela amabhizinisi ukuthi akhule.
“Umsebenzi wethu njengeDolobha wukwakha indawo lapho amabhizinisi ekwazi ukusuka ekulweleni ukusinda aye ekukhuleni, adale namathuba kwabanye. Usizo olunikezwa ngalezi zinhlelo lukhombisa lokho okungafezwa uma uhulumeni kazwelonke nohulumeni basekhaya besebenzisana ekususeni izithiyo, bevula amathuba okuthola izinsiza futhi bebeka osomabhizinisi enkabeni yentuthuko yomnotho,” kusho uNtuli.
Le mizamo ihlose ukusiza amabhizinisi endawo ukuthi ande, adale amathuba emisebenzi esimeme futhi abe negalelo ekwakheni umnotho obandakanya wonke umuntu isikhathi eside.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


