Undunankulu Wesifundazwe Ubambe Umhlango Wezinsuku Ezimbi Wokwakha Amacebo Entuthuko KwaZulu Natal.

Date:

Undunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, uhole umhlangano wezinsuku ezimbili wokwethulwa kwamalungu amasha oMkhandlu Wokuthuthukiswa Kwabasebenzi Namakhono (KwaZulu-Natal Human Resource Development Council) obubanjelwe eCoastlands Hotel, eMhlanga.

Lomhlangano ububanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Izwe Elilodwa, Isu Elilodwa, Uhlelo Olulodwa” (One Country, One Strategy, One Plan), ngenhloso yokuhlanganisa izinhlaka ezahlukene ukuze zisebenzisane ekuxazululeni inkinga yokungahambisani kwamakhono abantu nezidingo zemakethe yezemisebenzi, okuyimbangela enkulu yokwanda kokungaqashwa, ikakhulukazi entsheni.

Ekhuluma ngesikhathi evula lo mhlangano, uNtuli unxuse amalungu omkhandlu ukuthi agweme ukusebenza ngokwehlukana noma ngokuzimela, wathi ukubambisana kuzokwenza kube lula ukuthola izixazululo ezizinzile.

“Sihlangene lapha hhayi nje ukwemukela amalungu amasha omkhandlu, kodwa ukuzibophezela kabusha kumbono owodwa. Lowo mbono uthi: Izwe Elilodwa, Isu Elilodwa, Uhlelo Olulodwa. Lo ngumgogodla kahulumeni wobumbano lwesifundazwe futhi kufanele uqondise zonke izinqumo ezizothathwa yilo mkhandlu,” kusho uNtuli.

Uthe lesi siqubulo asizange sivele ngoba nje sifuna amazwi amahle, kodwa sisuselwa ekuhlolweni okukhombise ukuthi ukuthuthukiswa kwamakhono abantu eNingizimu Afrika sekunesikhathi kwenziwa ngendlela ehlukanisiwe. Uthe kube khona izinhlelo zikazwelonke ezingahambisani nezifundazwe, kanye namasu emikhakha ehlukene angasebenzisani.

“Wonke amasu noma izinhlelo ezivunywa yilo mkhandlu kufanele ziphendule umbuzo olula wokuthi ucwaningo luthini, futhi ngabe lolu hlelo lusekelwe ebufakazini noma lusekelwe emibonweni yesikhashana,” kusho uNtuli.

Uthe amalungu omkhandlu awangeni enhlanganweni yokuhlonishwa kuphela, kodwa angena enhlanganweni enomsebenzi obalulekile wokuhlela ikusasa lesifundazwe, futhi impumelelo yawo izoncika ekutheni uzimisele kangakanani ukusebenzisa ubufakazi nasekuziphenduleleni ngemiphumela.

UNtuli uphinde wanxusa amalungu omkhandlu ukuba asebenze ngobuqotho ngesikhathi sezingxoxo nezinqumo ezizothathwa kulezi zinsuku ezimbili zomhlangano.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

UMengameli U Ramaphosa Uncome I Theku Ngokusingatha I 46-SADC Summit

UMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, uncome uMasipala weTheku ngokusingatha ngempumelelo...

Umlingisi odumile ongowokudabuka eThekwini uZamani Mbatha uthi ayikho into...

U Ntuli Ukhuthaza Ukubekwa Phambili Kwezidingo Nqangi

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uthi ukusheshiswa kokulethwa kwezidingo kubantu...

U Masipala Uqhuba Uhlelo Lokuxhasa Osomabhizinisi Abasafufusa

Kwimizamo eqhubekayo yokweseka osomabhizinisi bendawo nokwenza kube lula ukusebenza...