UMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, uncome uMasipala weTheku ngokusingatha ngempumelelo iNgqungquthela yesi-46 yeSouthern African Development Community (SADC), wathi lokhu kuphinde kwaqinisa isithunzi seTheku njengendawo ehamba phambili ekusingatheni imicimbi emikhulu yamazwe omhlaba.
Le ngqungquthela ibibanjelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre kusukela mhla zi-3 kuya mhla ziyi-17 kuNcwaba 2026, yahlanganisa oMengameli namaNhloko oHulumeni, ongqongqoshe, izithunywa, abezindaba kanye nezimenywa ezivela emazweni ahlukene esifundeni.
Ingqungquthela ibibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukusungula izimboni eziqinile, ezisimeme nezibandakanya wonke umuntu ngokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukuguqulwa kwezolimo kanye nokuguqulwa kwemithombo yamaminerali abalulekile, ngenhloso yokwakha umhlaba onobulungiswa.”
Ukunconywa kukaMengameli uRamaphosa kuqhakambisa amandla eTheku okusingatha imihlangano emikhulu yamazwe omhlaba, ngesikhathi liqinisekisa ukuthi izivakashi zithola indawo ephephile, ehlelekile nesezingeni lomhlaba.
UMasipala weTheku usebenzisane kakhulu nezikhungo zomthetho kanye nabanye ababambiqhaza ukuqinisekisa ukuphepha kwabahlanganyeli, kanti ingqungquthela iqhubeke ngaphandle kwezigameko eziphazamisa ukuphepha.
I-SADC iyisakhiwo esiphezulu esithatha izinqumo mayelana nokubambisana, ukuhlanganiswa kanye nentuthuko yamazwe esifundeni. Le nhlangano inamazwe angamalungu angu-16 futhi imele abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-400.
INingizimu Afrika ithathe ngokusemthethweni isikhundla sokuba nguSihlalo weSADC isikhathi esingangonyaka ngesikhathi sale ngqungquthela. UMengameli uRamaphosa uthathe lesi sikhundla kuMengameli waseZimbabwe, u-Emmerson Mnangagwa.
Ekhuluma ngokubaluleka kwale ngqungquthela, uRamaphosa ukhumbuze izithunywa ukuthi iTheku linendawo ekhethekile emlandweni we-Afrika.
Uthe eminyakeni engu-24 eyedlule, iTheku laba yindawo lapho kwethulwa khona ngokusemthethweni i-African Union, okuyisinyathelo esaphawula ukuguquka kwezwekazi lisuka emzabalazweni wokulwa nobukoloni nobandlululo, laya ekubambisaneni, ekuhlanganeni nasekuthuthukisweni kwe-Afrika.
IMeya yeTheku, uKhansela uCyril Xaba, ithe ukukhethwa kweTheku njengendawo yokusingatha le ngqungquthela kukhombisa ukukhula kokwethenjwa kwamandla aleli dolobha njengendawo encintisanayo emhlabeni jikelele.
UXaba uthe ukusingatha iSADC bekungekhona nje ukuhlela umcimbi ngempumelelo, kodwa kuphinde kwavuselela umnotho wendawo, kwaqinisa ubudlelwano besifunda futhi kwaphakamisa igama leTheku njengendawo yezokuvakasha, ezohwebo kanye nokutshalwa kwezimali.
Uhlelo lwengqungquthela beluhlanganisa iSADC Industrialisation Week, inkulumo yomphakathi ebiholwa nguMengameli Ramaphosa kanye nomcimbi wokubekwa kwezimbali wokuhlonipha iqhawe lomzabalazo, u-Oliver Reginald Tambo.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


