IMeya yomkhandlu WeTheku uKhansela Cyril Xaba, wethule ngokusemthethweni izimoto ezintsha ezibiza izigidi zamarandi, okuhloswe ngazo ukusheshisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubahlali.
Lezi zimoto zethulwe eCentrum Site, kanti uMasipala utshale imali elinganiselwa ku R300 million ekuthengeni amabhasi abagibeli angu-57, amaloli amanzi angu-35, izimoto ezingu-18 ezizosetshenziswa ngoplamba kanye nezingu-16 ezizosebenzela iminyango yokulungiswa kwemigwaqo namapaki.
Kulawa mabhasi angu-57, amane akhethelwe ukuthutha abantu abaphila nokukhubazeka.
Amaloli amanzi asetshenziswa njengendlela yesikhashana ukusiza imiphakathi ebhekene nokushoda kwamanzi, ngesikhathi uMasipala uqhubeka nokuthuthukisa ingqalasizinda nokwandisa ukutholakala kwamanzi ezindaweni ezahlukene.
UMeya uXaba uthe lezi zimoto zizokwenza uMasipala ukwazi ukuphendula ngokushesha ezikhalweni zabahlali.
“Sinciphisa isikhathi esithathwa yizinsiza ukufinyelela emiphakathini yethu. Lezi zimoto zizoqinisekisa ukuthi usizo lufinyelela kubahlali bethu ngokushesha,” kusho uXaba.
U Xaba uthe amabhasi akhethelwe abantu abaphila nokukhubazeka ayingxenye yomsebenzi kaMasipala wokwakha umphakathi obandakanya wonke umuntu.
Uthe ngesikhathi somhlangano Wokubonisana ngesabelomali somkhakha wabantu abaphila nokukhubazeka, owawubanjwe ekuqaleni kwalo nyaka, uMasipala wathembisa ukuthi uzohlinzeka ngamabhasi akhethekile.
“NjengoMasipala ophendulayo nonakekelayo, senze isiqiniseko sokuthi la mabhasi ayingxenye yale fleet ukuze kungabikho muntu osalayo,” kusho uMeya.
U Hlengiwe Mngadi, oyisekela likaSihlalo we-eThekwini Municipal Disability Forum, ubonge uMasipala ngala mabhasi, aziwa ngelika Sukuma buses.
Uthe la mabhasi azosiza ukubuyisela isithunzi kubantu abaphila nokukhubazeka, aphinde enze kube lula ukuthi bahambe futhi bafinyelele ezinsizeni ezibalulekile edolobheni.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


