Ukuphila Nokukhubazeka Akumvimbanga Ukufeza Amaphupho Akhe Blessed Ndimande

Date:

Kuphakame inkundla yezobuciko nemibhalo  e-Durban Exhibition Centre ngesikhathi kuqala ngokusemthethweni uhlelo lwezinsuku ezintathu lwe-Articulate Africa, oluwuhlelo oluhlanganisa ababhali, osonkondlo, izifundiswa, abaculi kanye nomphakathi ukuze baxoxe ngezindaba ezithinta ulimi, amasiko, ubuciko kanye noguquko emphakathini.

Phakathi kwabebethamele lolu hlelo bekukhona nombhali owuthisha ophila nokukhubazeka, Themba Ndimande, oveze ugqozi kubantu abaningi ngezincwadi zakhe ezikhuluma ngempilo yabantu abaphila nokukhubazeka, okubalwa kuzo incwadi yakhe ethi Four Stages of Disability.

U Ndimande, onguthisha futhi ongumbhali ophila nokukhubazeka, uyisibonelo sokunqoba izinselelo empilweni. Uzalelwe futhi wakhulela emakhaya lapho impilo ibingelula khona, kodwa lokho akuzange kumvimbe ekufezeni amaphupho akhe nasekufundiseni abanye ukubaluleka kwemfundo nokuzimisela.

Nakuba ephila nokukhubazeka, u Ndimande ukwazile ukuzakhela igama emkhakheni wezemfundo njengothisha ozinikele ekuthuthukiseni ikusasa lentsha. Uthi ukukhubazeka akumele kube yisithiyo empilweni yomuntu, kodwa kube amandla okuzimisela nokusebenza kanzima.

U Ndimande uphinde wazibonakalisa emcimbini i-ArtCraftica obubanjelwe e-Exhibition Centre, lapho ebephakathi kwabebekhombisa umsebenzi wobuciko nezincwadi zabo. Lo mcimbi umnike ithuba lokuhlangana nabanye ababhali, abadwebi kanye nabathandi bezincwadi, ngesikhathi eqhubeka nokwabelana ngendaba yakhe ekhuthazayo.

“usuku lwananuhla luwusuku oluhle kakhulu kumina ngoba lukhombisa amathalente ahlukahlukene ngaphandle kwababhali kodwa khona wonke umuntu wobuciko khona nabaculayo sibiziwe nathi esiphila ngokukhubazeka. Inkundla esiyinikezwe ngumasipala iyakhuthathaza ukuthi umuntu akhombise ubuciko bakhe bungenzenze ngathokoza kakhulu. Nokuba khona kwezingane zesikole zizofunda ukuthi ubuciko buyini nendaba ukuthi ixoxwa kanjani. Sibonileke abantu abaphila nokukhubazeka emkhakheni eyahlukeni abanye bakwezemidla kuyangithokozisa ke lokho”.  Kusho Ndimande.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuphoqeleke Ukuthi Avalwe Amabhizinisi Kuchitheke Indle Ethekwini

Kuxwayiswa Izakhamuzi ngomonakalo odaleke ngemuva kokuthi uMasipala weTheku uxolise...

Iskole Sakwa Mashu Sibe Yinxenye Yombukiso Wezobuciko

Baphume ngobuningi abomkhakha wamaciko  okubalwa kubo ababhali bezincwadi kanye...

Eswatini Tourism Showcases Culture and Tourism Excellence At Africa Tourism Indaba 2026

Eswatini used Africa's Travel Indaba 2026 to showcase its...

Private Safari’s East Africa Celebrate 50 Years At Tourism Indaba

South Africa is hosting the Africa's Travel Indaba 2026...