Kuphoqeleke Ukuthi Avalwe Amabhizinisi Kuchitheke Indle Ethekwini

Date:

Kuxwayiswa Izakhamuzi ngomonakalo odaleke ngemuva kokuthi uMasipala weTheku uxolise ngokuchitheka kwendle emgwaqeni uMargaret Mncadi Avenue, okwadalwa ukuphazamiseka kwemishini esiteshini sokumpompa indle iMahatma Gandhi Pump Station.

Lokhu kuvezwe ngesikhathi iSekela leMenenja yeTheku kwezokuThuthwa kweNdle namanzi angcolile, Edwin Mkhize, ebambe isithanga nabezindaba ngokuvuza kwendle osekuphazamise amabhizinisi, izakhamuzi, abagibeli kanye nezivakashi kule ndawo.

UMkhize uxolise emphakathini ngalesi simo, wathi uMasipala uyakuqonda ukuphazamiseka okudalekile. Ngokusho kukaMkhize, le nkinga iqale ngesikhathi izingxenye zikagesi nemishini ebalulekile yokumpompa indle zilimala ngenxa yezindwangu, amanabukeni nezinye izinto ezingafanele ezivimbe amapayipi namaphampu.

UMkhize uthe abasebenzi bakaMasipala basebenza ubusuku nemini ukuzama ukubuyisela ukusebenza kwesiteshi.  “Selokhu kwaqala lesi sigameko, abasebenzi bethu asebenza ngokungaphezi ukuzama ukusimamisa ukusebenza kwesiteshi nokubuyisela amandla okumpompa indle ngokugcwele,” kusho u Mkhize.

Kuvele nokuthi lesi siteshi besesivele sisebenza ngaphansi kwengcindezi njengoba bekusebenza amaphampu amabili kuphela kwamane aklanyelwe ukusebenza khona.

Njengendlela yokuvikela umphakathi, uMasipala uvale okwesikhashana amabhishi okubalwa kuwo iBay of Plenty Beach, iNorth Beach kanye neBattery Beach ngenxa yokungcola okubangelwe ukuvuza kwendle.

UMkhize uthe lesi sinqumo sithathwe ngenhloso yokuvikela impilo yomphakathi ngesikhathi kusaqhubeka ukuhlolwa kwezinga lamanzi nokulungiswa kwendawo ethintekile.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Undunankulu Wesifundazwe Ubambe Umhlango Wezinsuku Ezimbi Wokwakha Amacebo Entuthuko KwaZulu Natal.

Undunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, uhole umhlangano wezinsuku ezimbili wokwethulwa...

Kubekwe Eceleni Imali EngangoR73 million Ukuhlomulisa Intsha Esifundazweni

Unqonqoshe  woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal (EDTEA),...

Igubha Amashumi Amabili Nanye Yasungulwa I Dundee July

Sekumi ngomumo umcimbi weminyaka yonke weDundee July ozoba mhla...

University of Zululand student Designed National Science Months Logo

Deputy Minister of Science, Technology and Innovation, Dr Nomalungelo...