UKHUZA ICHILO UMPHAKATHI KUTHOLAKALA USANA SELUSHONILE

Date:

UKHUZA ichilo umphakathi kutholakala usana selushonile kwimfucuza kadoti. Lesi sigameko senzeke endaweni yase Ntuzuma B, Richmond Farm. Lengane ibibukeka njengengane ebisanda kuzalwa njengoba ibisanabenkaba, futhi ibonakala ukuthi ibisalelwe izinyanga ezimbalwa phambi kokuba izalwe.

Izakhamuzi zalendawo zishaqekile ilesi sigameko futhi zizwakalise ukukhathazeka ngalokhu okwenzekile, njengoba lengane itholakale isishonile eduze kwemfucuza kadoti eduze nomgwaqo.

Amaphoyisa endawo athembisa ukuthi azokwenza ucwaningo olujulile ngalesi sigameko esibuhlungu, futhi aphinde akhuthaza izakhamuzi ukuba ziqaphele futhi zibike noma yiziphi izigameko ezisolisayo, esingaba umkhondo wokulahlwa kwalengane.

Ezinye zesakhamuzi esizibonela ngawosa sithe, isidumbu sengane encane ebibukeka njengentombazane, sitholakale sidindilizile eduze komgwaqo obizwa ngokuthi uMngwenya noBhubesi, eduze nemiqhomo kadoti. uMnu Masango, uthi  kwakungasekuqaleni kwesonto  phakathi kuka-3 no-4 ntambama, izingane ziqhamuke zimemeza zithi kukhona ingane emgwaqweni. Imoto kadoti ibingakaqhamuki ngaleso sikhathi, ngoba ngokuvamile ifika ngo-11 ekuseni ukuzolanda imiqhomo.

“Noma imoto ifikile sekudlule isikhathi, ayizange iwuthathe udoti obumboze ingane. Imoto kadoti yangena ngomgwaqo uBhubesi yaphikelela kuNkasa Road, yangawuthatha udoti. Ingane itholwe izingane ezazidlala emgwaqweni, endaweni lapho imoto kadoti ibingakafiki khona.”

Ngokuhlanganyela, amalungu omphakathi athinte ama-Wadi 38 no 41 ukuze kutholakale usizo oludingekayo. Kwathinteka amalungu omkhandlu wamadoda, uJobe weWadi 38 noMthembu weWadi 41, nabo abazama ukusiza ngokushesha ngokubiza amaphoyisa

Amaphoyisa aphinde acela izakhamuzi ukuba uma kukhona umuntu obonile noma onolwazi olungaba umkhondo wokubona umuntu olahle lengane, athinte amaphoyisa ngokushesha.

Lokhu kuzokwenza ukuthi kutholakale lowo muntu futhi kubhekwe ukuthi kungani enze lokhu okubi kangaka.

Lesi sigameko sibuhlungu kakhulu futhi sikhombisa ukuthi kunesidingo esikhulu sokuthi umphakathi uhlangane ukuze uvikele izingane ezincane. Lesi sigameko senzeka esikhathi esimbi lapho umhlaba jikelele kanye neNingizimu Afrika igubha izinsuku eziyishumi nesithupha zokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane.

Amaphoyisa anxenxe amalunga omphakathi anolwazi ukuba eze ngaphambili.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso...

Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...

Bathemisa Ukuxazulula Izinkinga Zamanzi Ngokushesha

Iziphepho zidale umonakalo endaweni yase Howick nezakhelene...