Breaking News

UBEYIMPUMELELO OWOKUHLONISHWA KWEZINGQALABUTHO ZAMATEKISI AKWAMASHU

0 0

Kuqopheke umlando ngesikhathi kunomcimbi wokuhlonipha amagalelo alabo abasungula inhlangano yamatekisi iKwaMashu Taxi Association(KTA) , obuseThekwini NgoMgqibelo womhlaka 22 June ntambama.

Ekhuluma uSihlalo we-KTA uMnuz Philani Ngwenya, uveze ukuthi lolu suku belulukhulu kuye ,ngoba kusemqoka ukukhumbula obaba abaqala le nhlangano ayiholayo.

“Ngiyabonga ukuthi lo mcimbi ubeyimpumelelo, KwaMashu asisiyona inhlangano enezimpi sisebenza ngokubambisana ingakho umcimbi wethu umuhle kangaka ngoba sonke siyakwazi ukulalelana, sibonge abagibeli bethu okuyibona abasixhasayo ngabe asiwenzanga lo mcimbi ukube abekho, ” kusho uNgwenya.

Kulo mcimbi kuhlonishwe ngesitifiketi uMnuz SB Dladla osadla anhlavana kwizingqalabutho ze-KTA, ekhuluma uthe le nhlangano yasungulwa ngeminyaka yo 1970 ngemuva kokuthola ulwazi oluthinta izinhlangano zemboni yamatekisi kuMnuz uJeffy Moloi waseGoli.

“Azikho izigigaba zokubulalana emsebenzini waKwaMashu akukaze kube nezigigaba zokubangwa komsebenzi, ngiyaluthokozela kakhulu lolu suku lwanamuhla ngoba ayikaze yenzeke lento embonini yamatekisi ukuthi kukhunjulwe abantu abaqala umsebenzi sibonga uSihlalo wethu ngokucabanga ukwenza lo mcimbi,ngiyabonga ukuba nenhlanhla yokuthi ngihlonishwe ngisaphila “kusho uDladla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *