I-NJAMPELA FC YENZE EZIBUKWAYO IBHAXA I-NATAL RICH BOYS

Date:

Kuqhume umkikizo namafiliji ngesikhathi iNJampele Fc ithela ngesibhaxu I-Natal Rich Boys, kumqhudelwano we-Prince Mangosuthu Legacy Cup ka-2024. Lemidlalo ibise Prince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, oLundi mhlaka 7 September 2024.

Lomdlalo udlulele kumaphenathi ngemumva kokuthi uphele ngemizuzu ewu 90 kungekho osefake inqaku. Okulapho ezika Tshepo Motsoeneng zinqobe khona ngo 4-3.

Lokhu kwenzeka nakuba iNjampela ingenele lo mqhudelwano sekwedlule isikhathi, ukuze ikwazi ukuvala  isikhala saMaZulu.

Lamaqembu womabili adlale umdlalo owodwa ngalinye, la maqembu womabili abuye nabadlali abashintshile kunalabo abaqale ukudlala ngabo. Bezama  ukugcina amandla abebewadinga  ukuze banqobe umdlalo wokugcina walo mqhudelwano.

Emuva kwesiwombe lokuqala kungekho midlalo, womabili la maqembu aye ekhefini engalishayanga igoli, aphinde anyusa amagoli esiwombeni sesibili. La maqembu womabili abuye engashintshile esiwombeni sesibili, umdlalo udlulele esiwombeni sokuqala.

Umqeqeshi waleli qembu elisuka kwi-ABC Motsepe uTshepo Motsoeneng uthe kumjabulise kakhulu ukunqoba kweqembu lakhe lomqhudelwane, ekubeni bebeqala ukungena kulonyaka.

“Ikhono labadlali akusona ngasosonke isikhathi lapho sikwazi ukulikhombisa kumabonakude, kodwa namhlanje sikwazile ukuthi nani nibekhona lana nikwazi ukuzibonela nina. Iqembu elivela kwi-ABC sense kahle kakhulu,” kusho uTshepo.

Uthi ukudlala kahle kweqembu lakhe namhlanje kungenzeka kubavulele iminyango abadlali njengoba kungabakhona ongababona

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...