U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

Date:

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa imizamo yokunciphisa ukuvaleka kwamapayipi endle nokuchichima kwendle ezindaweni ezahlukene eThekwini.

U Xaba ubevakashele KwaMashu lapho ebehlangene khona nezakhamuzi kanye namaKhansela ka Wadi 40 no-46, ngenhloso yokuzibonela mathupha izinkinga ezibhekene nemiphakathi nokuthola izixazululo ngokungabibikho kwenqalasizinda.

I Meya uXaba uthe ukuchichima kwendle kuseyinkinga enkulu futhi ukuvakashela kwayo imiphakathi kuhloswe ngayo ukuqonda lezi zinselelo ngqo kubantu abathintekayo kanye nokuqinisekisa ukuthi izinyathelo zokulungisa ziyasetshenziswa.

“Ukuchichima kwendle kuyinkinga, yingakho ngize lapha ukuzozibonela ukuthi kwenzekani. Sinemishini emisha engisanda kuyethula, futhi amaqembu ethu azokwazi ukufinyelela ezindaweni ezikhahlamezekile ukuze avule lezi zivalo. Asifuni ukuthi izakhamuzi ziphile ngaphansi kwalezi zimo. Akulungile, ngakho kumele sithathe izinyathelo eziphuthumayo ukuze siqinisekise ukuthi lezi zinselelo ziyalungiswa,” kusho uXaba.

Ngemuva kwezingxoxo phakathi kweMeya nabaphathi boMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, oholwa nguMqondisi osanda kuqokwa uSiyanda Mwelase, sekuthathwe izinyathelo eziphuthumayo zokuqinisa indlela uMasipala osabela ngayo kulezi zinkinga.

Lezi zinyathelo zibandakanya ukuqhubeka nokuhlolwa nokulungiswa kwengqalasizinda yamapayipi endle, ukusheshisa ukuphendula uma kubikwa ukuvaleka kwamapayipi kanye nokuqinisa ukufundiswa kwemiphakathi ngokusetshenziswa ngendlela efanele nokuvikelwa kohlelo lokuthuthwa kwendle.

IMeya ithe uhlelo lokuvakashela imiphakathi njalo ngesonto luzodluliselwa nakwezinye izindawo ezibhekene njalo nokuvaleka kwamapayipi nokuchichima kwendle, lapho kudingeka khona ukungenelela ukuze kususwe izithiyo futhi kusheshiswe ukuhlinzekwa kwezinsiza.
IMeya iphinde yagcizelela ukubaluleka kokusebenzisana nemiphakathi ukuze kunqandwe ukuphindaphindeka kwalezi zinkinga futhi kuvikelwe ingqalasizinda kaMasipala.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kungenelele Iqembu Lezepolitiki Kolwamanzi.

I-Democratic Alliance ithi uMasipala weTheku kumele uchaze ukuthi kungani...

New schools cricket series launched

South African school cricket is set for a boost...

Bahlabeke Umxhwele Abaningi Kwinkulumo Ye Silo.

ISilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sesinxuse amaZulu ukuthi abuyele kakhulu...

U Xaba Ukhala Ngoku Linyazwa Kwenqalasizinda.

IMeya yomkhandlu ITheku, uKhansela uCyril Xaba, uyaqhubeka nemizamo...