UKWAZI AMALUNGELO NOKUQONDA ISISEKELO SENTANDO YENINGI NOKHETHO

Date:

Inkululeko yokukhuluma iyisisekelo sentando yeningi, evumela abantu ukuthi baveze imicabango nezimvo zabo ngaphandle kokwesatshiswa. Ukuqonda ngama lungelo kubalulekile nasekubambeni iqhaza ngokugcwele kwimkhakhaso yentando yeningi. Okubalulekile ukukhuluma inkulumo engenazi nsongo, ukucwasana nokuzikhethela iqembu lakho lezombusazwe  ngokuthanda  nangentando yakho, ungaphoqiwe yiningi nokhetho.
Iphephandaba Inkundla Yezindaba belihambele Iziteshi zokuvota ezahlukene  ku- INK okuyi  Inanda, Ntuzuma Kanye no Mashu, ukuyozwa imibona yezakhamizi zendawo.

Ngaphansi kuka wadi 42 sahlangana noNkk. Nompumelelo Mazibuko, oyilungu lomphakathi eliqavile. Owaveze ukukhathazeka kwakhe, ethi, “Esikhathini esiningi, abantu abadala ukuhlukumeza emphakathini wethu ngabaholi beqembu lezombusazwe. Bakhuthaza umphakathi ukuthi ube nesihluku kumalungu amanye amaqembu.” Amazwi akhe eveza indima edlalwa abaholi bezombusazwe ekubhebhethekiseni udlame kunokuthula emiphakathini abayiholayo.
EWadi 107, sathola ibhungu eliselisha uSipho Ndlovu, ongumlimi osafufusa, wabeka wathi  “Asinakho ukufundiseka okwanele ukuba sibambe iqhaza ekuxoxisaneni ngemicabango, ikakhulukazi emphakathini wethu. Sinabaholi beqembu ababandakanyeka ezenzweni ezingekho emthethweni, futhi akekho obaqulisa ngalezi zenzo zabo. Lokhu kudinga ukushintsha futhi kumele kuqale ngamandla ombono nabaholi bezombusazwe befunda ngakho futhi  abakwa-IEC nabo kumele bafundise abaholi bomphakathi nezinhlangano zomphakathi.”

Kusekuningi okungeziwa ukufundisa imiphakathi yethu ngenkululeko yokukhuluma, ukubaluleka kokubhekana nezinkinga, nasekukhuthazeni inqubekelaphambili, Kanye nasekuqinisekiseni uhulumeni ukuthi uyaphendulayo izikhalazo zabahlali noma izakhamuzi.

Izixazululo Zokuvikela Intando Yeningi, ukwazisa amalungu omphakathi ngokubaluleka kwenkululeko yokukhuluma kanye nobungozi bayo, Izinhlelo zokwazisa zingasiza ukuhlukanisa phakathi kwengxoxo enempilo nekhulumo eyingozi. Izikole, izikhungo zomphakathi, izinhlangano ezingenzi inzuzo, nezindaba zendawo zingadlala indima enkulu ekusakazeni lolu lwazi. Kubalulekile ukusekela nokuphoqelela imithetho ebhekana nenkulumo eyizi swane ngaphandle kokuphazamisa inkululeko yokukhuluma. Ukuqonda imincele yomthetho kungasiza amalungu omphakathi ukuba abhekane namalungelo kanye nemithwalo yemfanelo zabo. Izinhlelo zomthetho kanye nezehlulelo kumele zihlomele ukubhekana namacala enkulumo eyiziswane ngendlela efanele ukuze kugcinwe umphakathi uhlelekile.

Ngenkathi inkululeko yokukhuluma iyithuluzi elinamandla lentando yeningi, inemikhawulo yayo. Ukukhuluma noma ukubeka uvo kubalulekile kakhulukazi uma kuyinkulumo  ekhuthazayo neyakha umphakathi.




Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Undunankulu Uququzele Umphakathi Ukuba Usebenzise Umhlaba Ngendlela Efanele

UNdunankulu waKwaZulu-Natal,  uThamsanqa Ntuli, uhole amalungu eKhabhinethi yesiFundazwe ngesikhathi...

Bakhale Bmuka Nezimoto abezemidlalo Bonyaka Ngoxhaso Lwakwa JOMA

Kube yimpumelelo ukwethulwa kwemklomelo eyahlukahlukene yokuklomelisa abenze kahle emkhakheni...

Kuphoqeleke Ukuthi Bevale Abanikazi Bezitolo zabokufika Ngemuva Komkhankaso Wokuhlanza Umgwaqo U Victoria

Zisavaliwe izito zabokufika ezikumgwaqo Victoria Kanye no mgwaqo u...

Ungqongqoshe Umisa Uxhaso Lwe-EPWP Ethekwini Ngenxa Yokungahambi Kahle Kwezimali

UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda, uDean Macpherson, umemezele ukuthi uzomisa...