UTHOBE UGQUGQUZELA INTSHA ESAFISA UKUNGENA EMKHAKHENI WEMFASHINI

Date:

UThobekile Sokhela, owaziwa ngelika-Thobe, ugqugquzela intsha ethanda imfashini ukuba ingazibeki phansi. Uthi uthando lwenqephu into yakhe kusukela ebuncaneni bakhe.  UThobe odabuka eSouth Coast uthi wayehlezi enesifiso sokwenza umehluko emhlabeni wemfashini. Ukuthanda kwakhe inqethu nobuhle kwakuyizinkoma ekuvezeni ikhono lakhe. Ilapho ke athatha khona isinqumo sokufundela iziqu zakhe zobumfashini.  

“Ngemva kokuthola iziqu zami, angibange ngisapholisa maseko ngaqala ibhizinisi lami lezitayela. Ngathatha isinqumo sokuqasha indawo yokusebenzela msebenzi futhi manje yonke imfashini engiziqhenyayo ngayo ivela ezandleni zami ikhiqizwa kuleyo ndawo,” kusho uThobe.

Uthi izinto azifezile akuzona nje kuphela imibukiso yemfashini, kodwa futhi usebenze nezikole ezahlukene, lapho athuthukisa khona intshisekelo yakhe yokuthuthukisa izingane. Njengoba ethi, ukusebenzisana  nabantwana kungamanye wamaphupho akhe.

UThobe waqala ibhizinisi lakhe ngo-2019, kodwa wabhekana nenselelo enkulu ngesikhathi se-COVID-19, ngesikhathi umnotho ucindezelekile futhi ibhizinisi lakhe laphazamiseka njengamanye amabhizinisi amaningi. Noma kunjalo, uThobe akazange adikibale. Uthi wahlala ethembeni nasekuzimiseleni ukuthi kusazophinde kulunge.

Uthi lo msebenzi usumvulele iminyango eminingi kanye nokumxhumanisa nabantu abaningi kanye nokuhlanganisa izihlobo, abangani abasha ezindaweni ezahlukene.

UThobe, uthi akanqikazi ukubheka ikusasa, futhi unezinhlelo ezinkulu zeminyaka ezayo. Uthi esikhathini esizayo, ufuna ukubona umsebenzi wakhe ukhula kakhulu, edlulela ezingeni eliphakeme. Esinye sezifiso zakhe esikhulu ukusiza abantu abasha ukuba bathole amathuba empilo.

“Ngifuna ukuvula isikole sokuthunga ukuze ngisize izizukulwane ezincane, futhi ngifuna ukuthi kungabikho mntwana olala elambile,” kusho Thobe.

Yize ekwazile ukusebenzisana nezinye izinkampani kanye nenkampani yezime, uThobe uthi usabheke phambili ukuthola ukuxhaswa okuqinile okuvela kwabaxhasi ukuze amaphupho akhe afinyelele ezingeni lomhlaba. Uthi yena uyisibonela ukuthi iphupho lingaphenduka impumelelo uma umuntu ephokophele phambili ngaphandle kokwesaba. Ukukholwa kwakhe ukuthi zonke izinto zenzeka ngesikhathi esifanele kuyisifundo kubantu abasha abaningi abasafisa ukwenza okungcono empilweni.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...