LUGUJWE NGEMPUMELELO USUKU LOKUPHOTHULWA KWEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI E-SHINCHEONJI CHURCH OF JESUS

Date:

Nakuba kucishe konakala umcimbi kukhanselwa indawo obuhlelelwe kuyona e South Korea e-imjingak Pyeonghwanuri ngemizuzu wokugcina, kodwa injabulo ebikubafundi abangu 111 000 bethweswa iziqu zazo ezifundeni zebhayibheli ayinakulinganiswa. Le ndumezulu yomcimbi ebanjelwe ebabandleni ahlukahlukene akhona e South Korea ibanjwe ngempumelelo ibandla I-Shincheonji Church of Jesus phecelezi (IZulu Elisha – uMhlab’ Omusha) mhlaka 02 kuLwezi 2024. Lapho kuthe umcimbi omkhulu wabanjelwe e-Cheongju lapho ophinde wasakazwa kumabonakude abaningi ukuvumela abangani, izihlobo kanye namanye amalunga ebandla ukubayingxenye yalomgubona noma ucishe wamosheka.

Ukuthweswa kweziqu kwalababafundi kube ingqopha-mlando endaweni yase Shincheonji wokuhlinzeka ngemfundo ejulile, engokombhalo, ehlanganisa ababambiqhaza abavela emazweni ayi-153. Emazweni ase Ningizimu neAfrika, izitshudeni ezingu-1 125 ebezivela eNingizimu Afrika, eZimbabwe, eNamibia, eBotswana, eMozambique, naseMalawi abaphothule izifundo. EThekwini abafundi abangu-160 bahlangane mathupha bezobungaza impumelelo yabo.

U Andre van der Westhuizen ongumphathi wohlelo lezemfundo eKapa, uthi injabulo nethemba okugcwele kubafundi abathwese iziqu iyagqugquzela ngempela. U van der Westhuizen uthi lomcimbi wokwetheswa kweziqu uveza iqhaza elinamandla lenkolo ekuhlanganiseni umphakathi kanye nokuletha izinguquko ezinhle kubantu, imindeni kanye nesizwe.

Lemi gubho yokwetheswa iziqu yalonyaka iphinde yaqhakambisa ukuzibophezela kwebandla iZulu Elisha noMhlaba oMusha, ekuqhakambiseni ubunye, umusa kanye nokuthanda uNkulunkulu neZwi lakhe okwangempela. Lezi izimiso eziyingqikithi yenhloso-ngqangi yalelibandla umhlaba wonke jikelele. Njengoba labafundi bezoba ingxenye yalelibandla, bazoqhubeka nethemba lokuguqula umphakathi ngokugqugquzelwa ilezimfundiso abazitholile.

Lo mcimbi usulawule inkhulumo mphikiswano yamazwe ngamazwe mayelana nenkululeko yezenkolo nokucwasa eSouth Korea, lapho uShincheonji kanye ne-Association for Buddhist National Unification becela uhulumeni waseNingizimu Korea ukuthi ahloniphe amalungelo abantu futhi avimbele imingcele yesikhathi esizayo emibuthanweni yezenkolo.

Ibandla selinxuse izinhlangano zamazwe ngamazwe ukuba ziqaphe futhi zikhuthaze ukuphathwa ngendlela efanele, ziqinisekise ukuthi zonke izinkolo zisebenzisa inkululeko yazo yokukhulekela ngaphandle kokuphazanyiswa.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuhlakazwe Amawadi Akhele ITheku amanye awelela kuMasipala Wase Mkhambathini.

Kube yimpumelelo ukuphothula uhlelo lokuhlukaniswa kabusha kwamawadi kuMasipala wThekwini...

Property Conference Puts Spotlight ON Growth, Housing And Economic Development.

Rumours that Ithala SOC Limited is planning to sell...

Bachaze IThekhu njengomkhandlu Dolobha Ohamba Phambili E Ningizimu Africa Ngezobuchwepheshe

Kwethulwe uhlelo lweGeospatial Information Management Strategy (GIMS) Roadshow esifundazweni...

Kuhlangene Izinkakha Kumncimbi Wamaciko Ose Durban Exhibition Center

Kulokhu kuqhubeke njalo ukwazisa amaciko kumncimbi I-Articulate Africa obanjelwe...