Breaking News

KWETHULWE IQEMBU ELISHA LEZEPOLITIKI

3 0

Ukhale ngokuqhela kukahulumeni kubantu uMengameli ngesikhathi ethula ngokusemthethweni iqembu lezombusazwe,i-National Community Liberation (NACOL), eBlue Waters Hotel eThekwini ,NgoMgqibelo womhlaka-27 January.

UMengameli we-NACOL uMnu Muzi Hlophe uthe njengomuntu owumakadebona kwezepolitiki kukhona abantu abamunxusile ukuba asungule iqembu elizoba ngelabantu bonke.Wathi baqale benza ucwaningo olunzule ukubheka ukuthi sikhona yini isikhala seqembu elisha,nabasibone sikhona ngemuva kokuhambela abaholi bendabuko,abaholi bezenkolo kanye namalunga omphakathi.

“Okusithinte kakhulu ukubona inhlupheko kubantu bakithi ikakhulukazi abasezindaweni ezisemakhaya,ilokho okusisukumisile sabona kunesidingo sokubayingxenye yokwakha amasu,imibono engcono kanye nokuthuthukisa umphakathi” kusho uMengameli uHlophe.

Eqhuba umholi waleliqembu uthe bafuna ukugqugquzela ukuba kuvulwe amabhizinisi endawo,nathe lokhu kusho ukuthi kumele kukhushulwe isabelomali soMkhandlu ukuze kuzoba isona esibhekelela lamabhizinisi.Ebala okunye okuseqhulwini laleliqembu uHlophe, ukwakhiwa kwezindawo ezifundisa ngamakhono omsebenzi emphakathini, nakholelwa ekutheni zingasizisa abantu abasha ukuthi bakwazi ukuziphilisa ukuze kukhuphuke umnotho.

“Sifuna ukunxusa abatshali zimali ukuba befake imali ezweni ikakhulukuazi esifundazweni iKwaZulu-Natal kanye ne-Eastern Cape ngoba lezifundazwe ziqukethe ezokuvakasha okuwumkhakha onothe kakhulu,sifuna intsha iqeqesheke ibenawo amakhono athinta ezokuvakasha” kusho uMuzi.

Okugqame ngeqembu i-NECOL ubuningi kwamalunga abantu abayintsha kanti leliqembu selikhona nakwezinye izifundazwe ezingaphandle kweKwaZulu-Natal, njengoba linobuholi esifundazwe i-Eastern Cape, lisazokhetha obuholi baseFree State.UMholi waleliqembu uthe abakakulungeli ukungenela ukhetho lukazwelonke elizokuba kulonyaka kodwa basazosenza isimemezelo umangabe konke sekume ngomumo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *