Breaking News

I-EFF ISAYIBEKE EQHULWINI EYOKUBUYISWA KOMHLABA KWABAMNYAMA

5 0

Bebephume ngobuningi babo abalandeli beqembu lezombusazwe i-Economic Freedom Fighters (EFF), ukuzokwethamela uhlwa lwezethembiso zokhetho lwakulonyaka, enkundleni iMoses Mabhida Stadium eThekwini, NgoMgqibelo womhlaka 10 February. 

UMengameli we-EFF uMnu Julius Malema uveze ukuthi bona abanazo izethembiso kepha banezinto abazozenza mangabe benqoba ukhetho, okugqame enkulumeni kaMalema eyokubuyiswa komhlaba kubantu abamnyama. 

Isiqubulo saleliqembu njengoba kubhekwe okhethweni sithi, “Our land and Jobs now, Stop loadshedding”, okusho ukubuyiswa komhlaba kubantu balulekile, isidingo sokusungulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuqedwa ngokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga. 

“Abantu bakithi bahluphekile sifuna umhlaba wethu ngoba ingxenye eningi isaphathwe ngabantu abahlophe asikwazi ukuthi sikhiphe imali sikhokhele indawo yethu, sifuna abantu bekwazi ukuba namabhizinisi abo, ukuze ubenebhizinisi kufuneka ubenendawo ozokwakha kuyo ibhizinisi” Kusho uMalema

Eqhuba uJulius uthe njengoba lelizwe lisahluleka ukuba nezinkampani ezikhiqiza izinto ezisetshenziwa njalo ezifana nomuthi wokugxubha kusho ukuthi inkulu inselelo elisabhekene nayo.Wathi iqembu le-EFF uma lingathola ithuba lokuba semandleni lingadala amathuba omsebenzi ngokuthi zonke izidingonqangi zikhiqizwe izinkampani zakuleli ukuze abantu baseNingizimu Afrika bezothola imisebenzi. 

“Isifundazwe saseGauteng sesiminyene ngenxa yokugcwala kwabantu abasuke befuna ukuthuthukisa izimpilo zabo, siyiqembu le-EFF sikubeka phambili ukuthuthikisa komnotho kozona zonke izifundazwe kanye namadolobha ukuze umnotho wakuleli usimame” Kusho uMalema.

Ekhuluma ngodaba lokucishwa kukagesi uJulius uthe ngeke izwe liyephambili uma lisaphila ngokuhlaliswa esinyameni, wathi ukucishwa kukagesi kuhlukumeza imindeni, kucekela phansi amabhizinisi kuphinde kuphamazamisa ukufunda nokufundisa. 

Ephetha uMalema ugcizelele eyemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye neyokuqinisa ezokuphepha kuleli ekhala ngokwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni ezigcwele emphakathini wakuleli nathe iqembu le-EFF uma lingadla umhlanganiso wokhetho uzokwandisa isibalo samaphoyisa aqeqeshwe ngokusezingeni lokulwisana nobugebengu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *